IZINGCITHABUCHOPHO ezicwaninga ngezifo ezahlukene ngokubambisana nesikhungo sezemfundo ephakeme iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, sezidalule ukuthi uma konke kuqhubeka ngendlela ezihlela nezenza izinto ngayo - kuzogcina kuhleleke yonke into ngokunqotshwa kwegciwane lesandulela-ngculazi nengculazi uqobo.
Lokho kuhlaluke esigcawini sokucobelana ngolwazi lwalesi sifo ebesise-Unite Conference Centre, khona e-UKZN ophikweni iHoward College eThekwini, izolo, lapho obekuhlangane osolwazi nabacwaningi balesi sifo ukuzohlalukisa futhi kulandiswe umphakathi nezitshudeni ngohambo oseluhanjiwe lwemizamo yokuqhamuka nekhambi lokuqeda ngengculazi.
Omunye wosolwazi abayingxenye yabacwaninga ngekhambi lokuqeda ngengculazi, okubhekwe ukuthi kube sekwenzekile ngo-2030, uSolwazi Krista Dong, uthe lolu hlelo ababimbesene ne-UKZN kulona baluqala eminyakeni ewu-13 edlule esigcemeni sakwa-V, eMlaza, lapho okwahlanganwa kwabhungwa khona ngokuthi yiziphi izinto okumele zenziwe ukuqhamuka nesixazululo salolu bhubhane ezweni.
“Saqala lapho umbhidlango wokuhlola abantu besifazane abawu-20 esaqala ngabo, okwase kunesikhathi besebenzisa imishanguzo yokuthiba igciwane, ngoba sathola ukuthi ukuze la masampula ekhambi esasizowasebenzisa asebenze, kwakudingeka ukuthi siwahlole kubantu abaphilile nabazoba namasosha omzimba azokwazi ukumelana nengcindezi eza nalawo masampula ekhambi uma sesiqala ukubahlola ngayo,” kusho uSolwazi Dong.
Eqhuba, uthe ngabe sebekude kakhulu manje ukube abaphazanyiswanga wukubhoka kweCovid-19 ngo-2020, okwabanqinda ukukwazi ukuhambela ebantwini, kwase futhi kwaba nenkinga yezibhelu zokuzitapela impahla ngo-2021, okwabathikameza kakhulu ngokuthi kwacekeleka phansi isikhungo sezempilo ababesakhele ukwenza lo msebenzi eThekwini.
Uthe: “Nokho asiphelanga moya, kunalokho siyaqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wethu ngoba siyazi ukuthi yini esiphokophelele kuyona. Okunye esikwenzayo ocwaningweni lwethu wukusebenzisa esikubiza nge-analytic treatment condition, okusho ukuthi laba bantu esihlola ngabo leli khambi, kudingeka ukuthi sibayekise imishanguzo okungenani inyanga yonke
kuya kwezimbili ukuze sikwazi ukubona ukuthi esikwenzayo kuyasebenza yini.”
USOLWAZI Thumbi Ndung'u wethimba elicwaninga ngekhambi lokuqeda ngengculazi lwe-UKZN
Image: SITHUNYELWE
Usomaqhuzu walolu hlelo, uSolwazi Thumbi Ndung’u, yena uthe okunye okudingeke ukuthi bakwenze kulolu hlelo lwabo wukuhlola imikhiqizo emithathu ababheke ngayo ukuthi iyakwazi yini ukulwa nalesi sifo.
Uthe okwenze ukuthi baqale lolu cwaningo labo kubantu besifazane wukuthi ocwaningweni lwabo lwansuku zonke kuhlale kuhlaluka ukuthi yibona abahaqwe kakhulu yigciwane lesandulela ngculazi nengculazi uqobo.
“Nokho kuyasithokozisa ukuthi balinganiselwa kwabayisikhombisa abantu osekuvele ukuthi sebelashelwe leli gciwane laphela emzimbeni wabo emhlabeni jikelele, ingxenye yabo engeyaseMelika. Lokho kusiphosela inselelo yokuqhubeka nomsebenzi omuhle esiwenzayo ukuze sikwazi ukuhamba ezinyathelweni zabo ngalo msebenzi. Sikholwa wukuthi uma sibambisene kanjengoba kwenzekile, sizokwazi ukunqoba lesi sifo eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika yonkana kusuka manje kuyiwa phambili,” kusho uSolwazi Ndung’u.
USOLWAZI Thumbi Ndung'u (ohleli) nethimba lakjhe elicwaninga ngekhambi lokulwa nengculazi okuqhubekayo e-UKZN
Image: SITHUNYELWE
UNkk Deli Mthimkhulu, naye okhona kuleli thimba elenza lolu cwaningo, uqinisekise ukuthi kukho konke abakwenzayo bayaqikelela ukuthi umphakathi uba yingxenye ngokugcwele, futhi bayaqikelela ukuthi ukuqonda ngokuphelele okuzokwenziwa kuwona ikakhulu kulabo besifazane okusetshenziswana nabo ukulwa nalesi sifo.
Abanye abebekhona kulo mbuthwano yiSekela likaShansela wophiko lwezempilo e-UKZN uSolwazi Busisiwe Ncama, Dkt Fikile Ndlovu noNksz Colisile Mathonsi behhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, Dkt Refilwe Molatlhegi ofundisa khona e-UKZN, Mnuz Patrick Mdletshe weCivil Society Forum, Solwazi Michelle Gordon, Solwazi Musa Mabandla, Nkk Zikhona Nyathi noMnuz Sibusiso Mngadi we-AIDS Healthcare Foundation.