BANGASE bahlabane ngomfundaze abantu abasha abazohambela umbukiso wamabhizinisi iDurban Business Fair (DBF) namhlanje, enxanxatheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu.
Umbukiso wamabhizinisi ohlelwa minyaka yonke usongwa kusasa. Lokho kudalulwe izolo ngenye yezimenenja zesikhungo sezemfundo esizimele iNew Bridge Graduate Institute, uMnuz Nathi Ndlovu. Uthe beyisikhungo babeke imifundaze eyishumi abahlela ukuhlomulisa ngayo abantu abasha abaneminyaka ewu-18 kuya kwewu-35.
INGXENYE yabantu abadele imvula bahambela usuku lokuqala lomcimbi wombukiso wosomabhizinisi iDurban Business Fair, izolo enxanxatheleni yezitolo iBridge City, KwaMashu
Image: SITHUNYELWE
UNdlovu uthe ukuze ube sethubeni lokuhlabana ngowodwa wemifundaze, kumele uvakashele itende labo kulo mbukiso namhlanje, lapho ozongenela khona umncintinswano abazohlunga kuwona abanqobile.
"Ukukhathalela kwethu abantu abasha nokushisekela ukubamba iqhaza ekutheni bathole amathuba azobathuthukisa empilweni, yikhona okwenze sabambisana nabeDBF. Ukuqinisekisa ukuthi kuba khona esikwenzayo ukuthuthukisa umnotho wezwe ngamathuba emfundo esizonikezela ngawo kubantu abasha abakhathalele ukufunda," kusho uNdlovu.
Ngaphandle kwalokho, baningi osomabhizinisi abangaphezu kwa-150 abazobe bekhangisa ngamabhizinisi embukisweni oqhubekayo namhlanje, ozoze uphethwe kusasa ntambama. Okuhle wukuthi kungenwa mahhala kuwo wonke umuntu.
Khona namhlanje kuzoqhubeka uhlelo lomcimbi wesigcawu sokucobelana ngolwazi lwezamabhizinisi kwabesifazane. Kuzobe kukhona izikhulumi zabesifazane zemikhakha ehlukene okubalwa owemfashini, ezokumaketha nezokuxhumana okubalwa uNksz Fezile Mdletshe weFezile Fashion Skills Academy, Nksz Delisile Mncube wophiko lwabesifazane, intsha nabakhubazekile eMnyangweni wezemiSebenzi yoHulumeni nezoKwakha, Dkt Lindiwe Kunene ofundisa ngezamabhizinisi e-UKZN, noNksz Happy Ngidi onamava kwezokumaketha nokuxhumana.