UNksz Nobuntu Mkhize noMnuz Khazi Phakama Sphezulu Mthalane Isithombe: Facebook
Inhlangano yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) igxeke ukuziphatha kwesisebenzi wayo obonakala exakazisana nabasebenzi basebhanoyini kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela inhlangano uMmoni Seapolelo uthe iSABC iyibone ngokukhathazeka le video.
Kuyona kuvela uNksz Nobuntu Mkhize exakazisana nabasebenzi. Ngokwekhasi lakhe leLinkedin uqashwe njengeBrand Manager yeSABC kusuka ngo-Agasti nonyaka.
“I-SABC iphatheke kabi ngalesi sigameko futhi ihlale igqugquzela abasebenzi bayo ukuthi balandele imigomo yeSABC yenhlonipho nkuziphatha kahle. Kule video, umsebenzi uphatha igama leSABC athi isigameko sizosakwa ezindabeni zeSABC. Sithanda ukugcizelela ukuthi iSABC News ilawulwa yimigomo, izimele futhi izinqumo ezithinta zonke izindaba zithathwa lapho kusebenzela khona izintatheli akugxambukeli ongasebenzi khona,” kusho uMmoni.
Uthe inhlangano izosebenzisa imigudu yangaphakathi ukuxhumana nomsebenzi.
Kule video uNobuntu ubonakala ngathi ugadla ngokuthile kumsebenzi wasebhanoyini. Ubuye avele ephusha omunye ethuka nenhlamba kuze kuba kungenelela okukholakala ukuthi yisoka lakhe.
Related Topics: