UMPHATHISWA wezokuThutha eKZN, uMnuz Siboniso, iNkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, amakhansela neziphathimandla, bavule ibhuloho eliseNhlungwane, eNtuzuma, ngoLwesihlanu Isithombe: SITHUNYELWE
USEBENZISE imali engaphezu kuka-R21 million uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, ulungisa ibhuloho elacekelwa phansi yizikhukhula zango-Ephreli 2022, lakhipha isidumbu sikathisha.
Ibhuloho u-P457, eliku-Ward 54, eThekwini, lixhumanisa imiphakathi okungeyaseNhlungwana, Ntuzuma neNanda.
Lalikade ligugulwe wumfula i-Piesang owawudla izindwane emva kwezikhukhula ezashiya kukhalwa ngo-Ephreli 2022.
Kwafa abantu abangaphezu kuka-450 ababulawa yizikhukhulula izangoma zezulu ezathi zazikade zigcine ukubonakala ngonyaka u-1987.
Ibhuloho livulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu, nguMphathiswa uMnuz Siboniso Duma neNkosi yamaQadi, uMqodi Ngcobo, bekhashwa ngabaholi bamahlelo ehlukene emphakathini.
Okuqaphelekile wukuthi sekufakwe nezinciphisajubane nezinsimbi ezintsha ezivimbe ukuthi imoto ingakhalakatheli eweni uma iphaphalaza emgwaqweni.
Kwaba wukukhalakathela kwemoto eyayihamba uthisha, uNksz Noxolo Khumalo (26) okwavusa umunyu nohlevane kubantu ababebuza ukuthi kubambeni lingalungiswa kuze kufe umuntu?
Umufi wayekade esuka eGoli, lapho ayekade efundisa khona esebuyela ekhaya eyochitha amaholidi nomndeni wakhe kanti imoto yakhe izophonsela emgodini owawusuvulekile.
UDuma uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini wakaKhumalo.
“Sibonga iNkosi uNgcobo namakhansela ngokuba abaxhumanisi bomnyango nemiphakathi. Ukuvulwa kwebhuloho kuzolekelela umphakathi ufinyelele kalula enxanxatheleni yezitolo iBridge City Mall, kuthelawayeka u-M25 nakwezinye izindawo zamabhizinisi,” kusho uDuma.
UDuma uveze ukuthi sebewutholile umhlaba okuzokwakhelwa khona abantu abahlala eduze kwalo mfula.
Uthe basezinhlelweni zokuthi basuse imindeni kule ndawo iyohlaliswa lapho ezonethezeka khona noma ngabe kunezikhukhula.
Amanye amalungu omphakathi okuxoxwe nawo athe selilihle ibhuloho futhi liphephile uma liqhathaniswa nelalikhona ekuqaleni, athi sekuzoba lula ukufinyelela ezindaweni asuke eya kuzona njengoba bese ephila ngokuthi athathele anduba afike.
Phambilini, kuke kwaphazamiseka ukwakhiwa kwaleli bhuloho kwaze kwaphoqa ukuthi owayeyiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, anikele khona ayobhula umlilo.
Kwakunezinsolo zokuthi kwakukhona abantu ababefuna ngodli ukuhlomula emalini okwakulungiswa ngayo ibhuloho, kukhona nababekhala ngokuthi kuqashwe abantu okungebona abasendaweni.
Related Topics: