KUSHONE obengummeli ecaleni likaSenzo Meyiwa, u-Advocate Thulani Mngomezulu Isithombe: SIGCINIWE
ZISHAQISE abaningi izindaba zokudlula emhlabeni kuka-Advocate Thulani Mngomezulu, ongomunye wabameli ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirares neBafana Bafana.
Ngokuthola kweSolezwe, lo mmeli ushone ekuseni namuhla.
Okhulumela imindeni yabasolwa, uNksz Sinqobile Maphisa enkundleni yakhe yezokuxhumana, uqale wabhala ukuthi: “Waze wasilahla uNkulunkulu”.
Le nkulumo ilandelwe eyesibili lapho abeqinisekisa khona ukuthi uMngomezulu akasekho.
“U-Adv Mngomezulu ushone ezintatha zanamuhla, ngaphambi kokuthi inkantolo iqale,” kusho uNksz Maphisa.
Uqhube wathi imininingwane eyengeziwe izolandela uma umndeni usubanikile imvume yokuthi baphawule.
Bese kunesikhathi uMngomezulu engekho enkantolo ngenxa yokugula.
Ngesikhathi kuqala ukugula kwakhe, wayelokhu ecela ukuthi kuhlehliswe ukuqulwa kwecala ngenxa yokungazizwa kahle. Ijaji uRatha Mokgoathleng ubeye akhombise ukunengwa yilokho.
UMngomezulu ugcine ecela ozakwabo ukuba bammele, exinwa ukugula, engasakwazi ukuza enkantolo.
Ubeye akhale ngekhanda nangokugodola.
Ubemele ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya.
Related Topics: