UMHLENGI Khoza (28) owagwaza unina namalungu ayisithupha, kwashona amahlanu eBethany, eBergville, ngo-Okthoba, nonyaka Isithombe: Sithunyelwe
AWUSIZWA umndeni isixoliso selungu laso eligixabezwe odilikajele abahlanu, emva kokuvuma amacala okubulala izihlobo zalo elazibhokoda ngommese eBethany, eBergville, ngo-Okthoba, nonyaka.
UMhlengi Khoza (28) ugwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngoLwesihlanu, emuva kokuthi egonyulukile wavuma amacala wase ecela intethelelo emndenini wakhe.
Egonyuluka, uKhoza usole ukuthi kukhona owafaka okuthile esiphuzweni sakhe ejoyintini ayebuka khona ibhola ngosuku olwandulela olwesigameko.
Ngosuku lwesigameko u-Okthoba 12, uthe wayekubo, kwafika ubabekazi wakhe ebavakashele nomndeni wakhe.
Uqhube wathi babehleli egumbini lokuphumula ngesikhathi unina emnika ukudla, wadinwa wakwenqaba ngoba esola umzali wakhe ngokumthakatha.
“Ngaya ekhishini ngahosha ummese ngabuya ngagwaza izihlobo zami okungowesilisa oyedwa, ababili besifazane nezingane ezimbili. Ngaqeda lapho, ngabaleka endaweni ngiphethe ummese engangiwusebenzisile,” kuchaza uKhoza.
Uvumile ukuthi ayekade ekwenza kwakuphambene nomthetho futhi uyaxolisa ngaso uyazisola.
UNksz Phindile Khoza ongudadewabo kaKhoza, owasinda ngokulambisa nengane yakhe, uthe okwamanje akalwemukeli uxolo lukamfowabo.
“Ngisabuzwa ubuhlungu namanje. Umama useluleme futhi uyajabula ngoba unikezwe isigwebo esimfanele, ngeke esaphuma (ejele) eze kuthina,” kusho uNksz Khoza.
Uveze nokuthi bewumndeni bebehlalele ovalweni lokuthi angase aphume.
Uzichithile njengamampunge izinsolo ezenziwe uKhoza zokuthi unina wayemthakatha, ethi ubesemane enza izaba nje enkantolo, ecabanga ukuthi izomdabukela bese imthambisela isigwebo.
“Asikwazi thina lokho ukuthi umama wayethakatha, sikuqala ngaye. Ngonyaka ozayo sifuna ashushiselwe nalawa amanye amacala okuzama ukubulala umama nengane,” kubeka uNksz Khoza ezwakala ukuthi ukhululekele ngaphakathi emoyeni.
Enkantolo umshushisi, u-Advocate Zinhle Sokhela, ufundele inkantolo izitatimende zemindeni yalabo ababulawa.
Izingane zomunye owababulawa, zithe unina wayengumuntu onothando. Ziveze nokuthi seziphila ngokusokola, ukuswela nokuthuthumela futhi isithombe sesidumbu sikanina wazo esasidindilizile siyohlala sisemqonqweni wazo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhoza wayibonga ibheyili ngo-Okthoba, evele eNkantolo yeMantshi yaseBergville.
Okhulumela uphiko lezokushushisa i-National Prosecuting Authority KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uncome umsebenzi wethimba labashushisi namaphoyisa, engeza ngokuthi wumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi abagilwa bathola ubulungiswa.
“Sinethemba lokuthi izigwebo ezifana nalezi, zizoveza ukuzimisela kwethu empini yobugebengu,” kusho i-NPA
Related Topics: