OWAYENGUSOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula Isithombe: Bongani Shilubane
OWAYENGUSOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uzofaka isicelo sokuxegiselwa imibandela yokudedelwa kwakhe ngebheyili emacaleni enkohlakalo abhekene nawo ngoba efuna ukuhambela ngaphandle kwakuleli.
UNkk Mapisa-Nqakula ubevele eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli ngoLwesine ekuseni.
Ummeli wakhe u-Adv Reginald Willis, utshele inkantolo ukuthi bazofaka isicelo ehhovisi lomshushisi u-Advocate Bheki Manyathi, sokuthi avunyelwe uma kunesidingo bazoza enkantolo.
“Engimmele unesifiso sokuhambela ngaphandle kwezwe lapha e-Afrika,” kusho uWillis.
UManyathi uthe akasenayo i-passport enikezwa izikhulu zikahulumeni ngakho kuzomele afake isicelo sentsha eMnyangweni wezaseKhaya.
“Sidinga incwadi efungelwe echazayo ukuthi uhamba nini, ikheli aya kulo nezinto ayozenza uma kungenzeka. Sikholwa wukuthi ufuna ukuya eBotswana. Nathi kumele siphenye nehhovisi le-Interpol. Uma seneme ngemininingwane siyobe sesiya ehhovisi lejaji ukuze lixegise imibandela yebheyili ngaphandle kokukuphosela inselelo lokho. Uma kodwa singeneme siyofaka incwadi yokuphosa inselelo nokushintsha yonke into,” kusho uManyathi.
UNkk Mapisa-Nqakula ubevele enkantolo ezofaka isicelo sokuthola ezinye izingxenye zedokodo.
UManyathi ubikele inkantolo ukuthi amaphepha amayelana nesicelo bawathole ngoMsombuluko. Uthe awumthamo omkhulu okuzodinga isikhathi ukuthi bawufunde.
“Sesivumelene ngokuthi icala lihlehliselwe uJanuwari 20 wonyaka ozayo,” kusho uManyathi.
Inkantolo ibe isilihlehlisela unyaka ozayo icala.
Amacala abhekene nawo enzeka ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuVikela ngo-2016 kuya ku-2019.
Kuthiwa wahlomula ngo-R4.5 million, ohlanganisa imali, izinto ezibizayo okubalwa nezinwele zikanokusho. Le mali nezipho wakuthola kowayethole ithenda kulo mnyango.
Related Topics: