Umfuna esitikini uKelly Khumalo ummeli kamsolwa
KUHLALE obala ngoLwesithathu ukuthi ummeli kammangalelwa wesine ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, umfuna esitikini uKelly Khumalo.
Lokhu kuvele ngesikhathi ummeli, u-Advocate Zithulele Nxumalo, eqhubeka nokuphonsa ngemibuzo ufakazi woMbuso, ongumphenyi omkhulu kuleli cala, uBrigadier Bongani Gininda.
Eqala ukuveza lokhu uNxumalo, ubuze uGininda ukuthi kahle hle uKelly uyini kuleli cala? Ngabe uwufakazi noma ungumsolwa?
UGininda uphendule ngokuthi ngokwakhe ungumuntu ayembukela eduze ngehlo lokuthi kufanele ajoyine abasolwa.
“Akasiye umsolwa ohleli ngaphambi kwenkantolo njengamanje kodwa ngangisenzile isicelo sokuthi aboshwe. Ngangimbuka njengomunye wabasolwa, yikho ngaze ngenza isicelo sokuthi naye aboshwe,” kusho uGininda.
UNxumalo usole uGininda ngokuthi lwamhlula uphenyo kuleli cala.
“Ngokohla lwamacala (indictment), uKelly wayengomunye wabasolwa, ngakolunye ungummangali ngoba wantshontshelwa iselula,” kusho uNxumalo.
“Kakade uzobizwa nini vele yena uKelly?” kubuza uNxumalo.
Kungenelele uMshushisi woMbuso, u-Adv George Baloyi, ethi ukubizwa kukaKelly akuwona umbuzo uNxumalo angawuphosa kuGininda ngoba ukubizwa kwakhe akuhlangene naye.
“Ukukuphendula, sesiyichaze kaningi indaba kaKelly ukuthi ngeke simbize, asinazinhlelo zokumbiza,” kucacisa uBaloyi.
Ngokuqhubeka kwesikhathi, uBaloyi ubuye wafunda ingxenye yesitatimende esenziwa udadewabo kaKelly, uZandi Khumalo-Gumede, lapho ayechaza ngokuthi abangena endlini bathatha iselula kaKelly.
“Into engixakayo ukuthi lolu lwazi luvela esitatimendeni somuntu oseceleni, hhayi umnikazi weselula okukhulunywa ngayo. Umnikazi wale selula uyaphila, akafile kodwa akukho lapho yena azikhulumela khona ngalokhu,” kubhoka uNxumalo.
IJaji uRatha Mokgoatlheng ugcine emkhumbuza uNxumalo ukuthi unalo ilungelo lokumbizela esitikini uKelly uma efuna.
“Njengoba usho nje ukuthi usaphila, akafile, unalo ilungelo lokumbiza,” kusho uMokgoatlheng.
Ngaphambi kwalokho, kuvele ukuthi u-R45 000 okuthiwa uKelly owawukhokhela abasolwa wahlukaniswa kabili. Kwaqale kwangena u-R30 000, kwase kungena u-R15 000 kumsolwa wesibili, uMnuz Bongani Ntanzi, ifakwa umsolwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli.
Nokho uGininda ube esechaza ukuthi ngokobufakazi basebhange, akukho lapho okuvela khona imali iphuma ebhange likaKelly iya ebhange lomunye wabasolwa, agcine ethi usola ukuthi kwasetshenziswa imali ewukheshi.
Icala liyabuyela namuhla.