LIHLEHLELE inyanga ezayo icala lenkohlakalo elibhekene nobenguSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, obevele enkantolo yeMantshi yasePitoli izolo Isithombe: Bongani Shilulbane/African News Agency (ANA)
UPHIKO lwezokuShushisa kuleli lufuna icala lenkohlakalo elibhekene nobenguSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, lidluliselwe eNkantolo eNkulu yasePitoli lapho lizoqulwa khona.
INkantolo yeMantshi ePitoli, ilihlehlisele inyanga ezayo leli cala ukuze kutholakale usuku azovela ngalo enkantolo enkulu.
Okhulumela lolu phiko, uMnuz Henry Mamothame, uthe icala likaNkk Mapisa-Nqakula lihlehliselwe uJulayi 9.
Uthe okwamanje uNkk Mapisa-Nqakula nguyena kuphela osabhekene nezinsolo zenkohlakalo.
Uthe egcina ukuvela ngo-Ephreli, uMbuso wawuthe uma esebuya kule nkantolo uzovela nabanye.
“Ubufakazi obukhona abenele ukuthi singabeka amacala umsolwa wesibili. Sinobufakazi obuqanda ikhanda bokushushisa uNkk Mapisa-Nqakula,” kusho uMamothame.
Uthe bafuna icala lidluliselwe enkantolo enkulu yasePitoli ngenxa yobucayi balo.
Inkantolo ilulele uNkk Mapisa-Nqakula ibheyili yakhe kaR50 000.
Ngokwemibandela yebheyili yakhe akavumelekile ukuthi axhumane nofakazi bombuso, nokuthi ahambise i-passport yakhe kubaphenyi.
Ubhekene necala lokuthola intshontsho komunye wosomabhizinisi owayethole ithenda emnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esaphethe lo mnyango.
Libalelwa ku-R4.5 million intshontsho lezipho nezinye izinto azithola okuhlanganisa nemali enguR2.1 million.
Umshushisi u-Advocate Bheki Manyathi, uthe banqume ukungambeki amacala obengumsolwa wesibili ngoba ubufakazi bethu bebunganele.
Uthe bafuna leli cala lilalelwe enkantolo enkulu.
“UNkk Mapisa-Nqakula uselibone lonke idokodo kanti sivumelene nethimba labameli bakhe ukuthi icala liye enkantolo enkulu. Zonke ezinye izicelo zizokwenzeka kule nkantolo,” kusho uManyathi.
UNkk Mapisa-Nqakula ubhekene namacala angu-12 athinta inkohlakalo kanjalo nokushushumbisa imali.
Related Topics: