ABEZEMPILO nezomnotho bathi abazolimo bawuqaphe ngeso lokhozi umkhuhlane wezinyoni osuphatha nezinkomo osabikwe e-US ISITHOMBE: SIGCINIWE
UMKHAKHA wezolimo waseNingizimu Afrika kumele uhlale uwuqaphile umkhuhlane wezinyoni, iH5N1 osukapakele ezinkomeni zobisi, e-United States (US) ngoba usabalaliswa yizinyoni ezihamba amazwe amaningi.
Igciwane lomkhuhlane iH5N1 neH7N6 ilona elihlasele izinkukhu kuleli nyakenye, okuholele ekutheni kubulawe inqwaba yazo kodwa bewungakaze usabalalele kolunye uhlobo lwemfuyo kuleli. Yize kunjalo, abezempilo nosomnotho bathi wonke amazwe kumele aqaphe ngoba kusangenzeka nakwamanye amazwe leli gciwane litholakale nakolunye uhlobo lwemfuyo okungezona izinkukhu nezinyoni.
Kungokokuqala ukuthi leli gciwane liphathe izinkomo nabantu.
UMnuz Wandile Sihlobo owusomnotho kwi-Agricultural Business Chamber of SA, uthe okwamanje lo mkhuhlane kusabikwe ukuthi usabalalele ezinkomeni e-US kodwa iNingizimu Afrika kumele ihlale iqaphile ngoba ukulawula kwezifo zezilwane kuleli kuya ngokuya kuba ntekenteke.
USihlobo uqhube wathi ukuqubuka kwezifo zezilwane ezifana nesifo samatele, i-swine fever, kungubufakazi bokuthi kunobuthakathaka endleleni izwe elilawula ngayo izifo, ukudla okudliwa izilwane nemigomo elawula ukuphathwa kokudla kuleli.
Uthe ukubheduka kwezifo kunciphisa inzuzo kubalimi kuphinde kuphazamise nokuthunyelwa kokudla kwamanye amazwe.
Kusolwa ukuthi leli gciwane liqale ngoMashi, ukusabalala e-US lagcina selihlasela izinkomo nabasebenza emapulazini kuleliya lizwe.
Akacaci kahle ukuthi zingaki izinkomo zobisi ezinaleli gciwane kanjalo nabasebenza emapulazini, isikhungo esibhekelele izifo, iFood and Drug Administration (FDA), sisaphenya.
Inhloko yophiko olubhekelele umkhuhlane, enhlanganweni yezempilo emhlabeni, World Health Organisation (WHO), uDkt Wenqing Zhang, uthe maningi amathuba okuthi lo mkhuhlane usabalalele ezilwaneni obungakaze uziphathe nakwamanye amazwe ngoba usatshalaliswa izinyoni ezizulazula emhlabeni wonke.
"Lo mkhuhlane ophatha izinyoni, ubujwayele ukuthi usabalalele ezinkukhwini nasemakatini asendle, manje sesithole ukuthi kuyenzeka ungene nasemfuyweni eyizinkomo, yize kungavamile. Amathuba okuthi abantu bawuthole lo mkhuhlane mancane kakhulu kodwa sinxusa ukuthi abantu base-US baphuze ubisi oluke laphekwa kubulawa amagciwane, kuphela okwamanje,“ kusho uZhang.