ISAHPRA isihoxise umuthi wezingane womkhuhlane iBenylin Paediatric njengoba kuvela ukuthi unobuthi obuyingozi Isithombe:SAHPRA
ISOUTH African Health Products Regulatory Authority (Sahpra) isihoxise umuthi wesifuba wezingane, iBenylin Paediatric Syrup, emuva kokuthola ukuthi inobuthi obuyingozi.
Esitatimendeni sabezindaba, iSahpra ithe ithole umbiko kwiNigerian National Agency for Food and Drug Administration and Control (Nafdac), owaveza ukuthi iBenylin Paediatric Syrup inezinga eliphezulu le-diethylene glycol.
ISahpra ithe idiethylene glycol ingadala izinhlungu esinyeni, ukuphalaza, ukukhishwa yisisu, ingenza oyiphuzile angakwazi ukuchama, aphathwe yikhanda, angathathi kahle engqondweni, konakale izinso noma ashone.
Kuthiwa idiethylene glycol isetshenziswa emikhiqizweni ehlukene okubalwa i-antifreeze, brake fluid, kugwayi nakodayi.
ISahpra ithe ithinte iKenvue (ebiayiwa ngeJohnson and Johnson) emuba kokuthola umbiko waseNigeria, ukuthola ukuthi kwenzekani kwase kuvunyelwana ukuthi imithi ethintekayo mayibuyiswe.
Imithi yakwaBenylin ebuyiswayo ibonakala nge-batch number ewu-329304 newu 329303.ISahpra ithe le mithi itholakala kakhulu eNingizimu Afrika, Swatini, Rwanda, Kenya, Tanzania naseNigeria.
IBenylin Paediatric iwumuthi wezingane onombala obomvu onukisa okwe-rasberry, usiza uma ingane inomkhuhlane, icinene noma nokunye nje okuphathelene nesifuba.
ISahpra icele abantu ukuthi bangathuki ngoba lolu daba lusetshenzwa ngamandla futhi abakhiqiza le mithi banemvume yokwenza lo msebenzi.
Ithe imithi ethintekayo yilena enama-batch namba abhalwe ngenhla ngakho kubalulekile ukuthi umphakathi uwabhekisise kahle, ungathuki.
Icele izikhungo zempilo nodokotela ukuthi bayibuyisele emuva imithi ethintekayo.
Ukubuyiselwa kwalo muthi kufakwe njengo-class 1, okuyisigaba esisetshenziswa yiSahpra uma ikhathazekile ngomuthi osemakethe ongaba yingozi kubantu.
ISahpra icele abaphuze le mithi base beba nezinkinga ukuthi baphuthume kodokotela nasezikhungweni zempilo. Kuthiwa kufanele babike ngokusebenzisa i-Med Safety App noma bathumele i-email ku- adr@sahpra.org.za.
Related Topics: