USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa -Nqakula, uyalwa uphikisana nokuboshwa kwakhe ukhala ngokuthi kukhona abambophela amanqina enyathi Isithombe: WEBSITE/PARLIAMENT OF THE REPUBLIC OF SOUTH AFRICA
USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthi akayi phansi engandlalelwe kwabafuna ukumgaxa ozankosi ngezinsolo zenkohlakalo.
Kusabalale imibiko yokuthi uzovela enkantolo emuva kokuthi abaphenyi bepekequle umuzi wakhe. Uhlabe ikhefu elikhethekile emuva kokuqonga kwalezi zindaba. Ibalelwa ku-R4 million imali okuthiwa wanikwa yona egwazelwa.
UNkk Mapisa-Nqakula ubhekene nezinsolo ezibucayi zokugwazelwa ngezigidi okuthiwa wayezinikwa ngesikhathi esewungqongqoshe. Kuthiwa usomabhizinisi uthi wayehlala egqigqa kuNkk Mapisa-Nqakula eyocubuza amagabade ngamasaka emali.
Ubelokhu ezihlangula ethi umsulwa akaze enze inkohlakalo futhi ethi usola ukuthi kukhona abazama ukungcolisa igama lakhe.
UNkk Mapisa-Nqakula ufake isicelo senkantolo esiphuthumayo ethi akuvinjwe ukuboshwa kwakhe. Emaphepheni uveza nokuthi ucela ukunikwa idokodo lophenyo nezitatimende zofakazi abone kahle konke.
Iphalamende likhiphe isitatimende lichitha imibiko yokuboshwa kukaNkk Mapisa-Nqakula lithi usekhaya nomndeni wakhe uyalusebenza udaba.
Lishona nje ayicaci ekaNkk Mapisa-Nqakula kodwa abeSABC bebenkanise esangweni lomuzi wakhe. Bekubonakala abaqaphi bakhe beyaluza bephuma bengena khona. Kubonakale nendoda yomlungu iphuma nepotimende yashaya imoto yachitha.
Iqembu eliphikisayo ePhalamende iDA ithe awukho umthetho ogunyaza ukuthi uSomlomo athathe ikhefu elikhethekile. I-DA ithe ifuna ukufaka isicelo sokungabethembi ubuholi bukaSomlomo bese iyamketula.
I-ANC nayo ike yakhipha isitatimende ithi iyazi ngodaba lukaSomlomo futhi iyasemukela isinqumo sakhe sokushenxa esikhundleni. Ithe yona ilinde ukuthi abomthetho bathini bese iqhubeka nodaba.