UNksz Lihle Dladla uthi ibhizinisi lakhe liyakufakazela ukuthi awudingi izizumbulu ukuzakhela umsebenzi Isithombe:sithunyelwe
UKUNGAWUTHOLI umsebenzi ayewufundele kumenze waqala ibhizinisi lokudayisa izinkukhu namaqanda.
UNksz Lihle Dladla (29) wasoShabeni, ePort Shepstone, utshele Isolezwe ukuthi emuva kokuphothula umatric wenza iziqu zemfundo ezihlukene okubalwa kuzo neproject management kodwa ngebhadi wangawuthola umsebenzi.
“Ngangilokhu ngiwufuna umsebenzi ngisho nowokuba wunogada ngoba ngikufundele nakho kodwa akuzange kulunge. Ngazama ukuvula inkampani yonogada kodwa kwangahamba kahle ngenxa yokuthi kwakudingeka imali eningi, engangingenayo. Ngaze ngaqashwa esitolo ngasebenza ukushaya isisefo. Bengihola uR4 000 ngenyanga,” kusho uNksz Dladla.
Uthe esitolo ubekhuluma nabantu abahlukene ngempilo nangenkinga yokuswela umsebenzi kanti abanye babekhuluma ngezolimo.
“Emuva kwesikhathi ngisebenza esitolo nganquma ukubhalisa inkampani yami yezinkukhu, iYummmmylee Poultry Farming, ngo-2021. Ngiqale ukusebenza ngo-2022 lapho ngavele ngashiya esitolo, ngathatha uR2 000 enganginawo ngathenga amachwane anamasonto ayisithupha. Lawo machwane akwazile ukungibeka kuleli zinga esengikulona,” kuchaza uNksz Dladla.
Uveze ukuthi ku-R2 000 wakhe, uR600 wawusebenzisela ukwakha ihhoko kwathi uR1 400 wathenga ngawo amachwane ezinkukhu.
Lokhu uthe kukhombisa ngokusobala ukuthi awudingi izizumbulu ukuqala ibhizinisi kodwa kudingeka isibindi nothando lwento oyenzayo.
“Njengamanje ngidayisa izinkukhu eziphilayo, ezifakwe efrijini namaqanda kanti ngiyaqashwa ukuthi ngipheke uma kunemicimbi,” kusho uNksz Dladla.
Uthe ibhizinisi waliqala yedwa kodwa manje usenabasebenzi abathathu, ababili babhekelele izinkukhu bese oyedwa umsiza kwezokupheka.
Ugqugquzele abantu besifazane ukuthi bangasabi ukuqala amabhizinisi ngoba kuyenzeka uma nje bezimisele.
Uthe njalo ngonyaka kufanele bazibekele into ethile abafisa ukuyenza noma ukuyifeza noma ngabe incane kanjani.
Abafisa ukuxhumana naye bangamthola ekhasini lakhe kwifacebook lapho enguLihle Charmaine Dladla noma balandele elithi Yummmmylee Poultry Farming.
Related Topics: