BAZOBHEKANA nomthetho abaqashi abasaqhubeka nokuqasha abantu bokufika kuleli ngoba bamukela noma yini, njengoba uhulumeni ezochibiyela umthetho. isithombe: Dumisani Sibeko 320
BAZOBHEKANA nomthetho abaqashi abasaqhubeka nokuqasha abantu bokufika kuleli ngoba bamukela noma yini, njengoba uhulumeni ezochibiyela umthetho.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguNgqongqoshe wezabaSebenzi nokuQasha, uMnuz Thulas Nxesi ngoMsombuluko, ekhuluma ne-SABC ngezinto ezihlongozwa nguhulumeni njengoba bekugujwa uSuku lwabaSebenzi.
UNxesi uthe abasebenzi abavela kwamanye amazwe abangenawo amaphepha, abaqashwa ngoba bethandwa ngabaqashi kodwa baqashwa ngoba bazi ukuthi bamukela noma yini, futhi babaholela noma ngumalini.
“Abasebenzi abaningi abangokufika kuleli ubathola emikhakheni ehlukene okubalwa owezolimo, abashayela amaloli, abagada ezitolo kanjalo nakweminye imikhakha. Abaqashwa ngoba bethandwa kakhulu kodwa yingoba bamukela noma yini abayinikwa ngabaqashi. Abaqashi bayabaxhaphaza yingakho sizoqinisa umthetho othinta ukuqashwa kwalaba basebenzi.”
Uthe abanye abaqashi babayisa ezinkantolo uma sebethole ukuthi bayaqhubeka nalo mkhuba wathi bashaywa ngoswazi oluncane bakhokhiswe yizinkantolo imali engatheni.
Abanye abantu bakuleli sebekhale kakhulu ngabokufika abakhala ngokuthi kuqashwa bona emikhakheni ehlukene ngoba abaqashi bebakhokhela kancane.
UNxesi ukhale ngezinga eliphezulu labantu abangasebenzi kuleli, wathi izwe libhekene nenhlekelele odabeni lokungatohozi kwabantu kuleli.
“Inkinga yokucishwa kukagesi nokukhula kancane komnotho kwenza abantu bangaqashwa. Kudingeka kwenziwe okuthile ngokushesha singuhulumeni kanjalo nomkhakha ozimele.”
Uthe ziningi izinto ezidinga ukuthi kubhungwe ngazo mayelana nokuthi kunyuswe intela ukuze kwandiswe amathuba emisebenzi kuleli.
Ukhale ngoqhekeko ezinyunyaneni zabasebenzi wathi uma zingabumbene, izwi labasebenzi libukeleka phansi.
“Bayehla abasebenzi abajoyina izinyunyana kuleli. Yingakho kudingeka ukuthi izinyunyana zibumbane, zingalwi zodwa ukuze zibe nezwi eliqinile.”
Mayelana neziteleka zabasebenzi kuhulumeni, uNxesi uthe zisazoqhubeka naseminyakeni engu-100 ezayo kuleli.
“Iziteleka zizoqhubeka noma isimo singaba ngcono. Indaba yezingxoxo zabasebenzi kuhulumeni kanjalo nasemkhakheni ozimele, ziyaxazululeka ngenxa yezinkundla ezikhona kodwa eyeziteleka izoqhubeka iminyaka ezayo. Okusikhathazayo ngukuthi emkhakheni ozimele, abasebenzi bayaxoshwa uma beteleka,” kusho uNxesi.
Uthe ezingxoxweni zakamuva zabasebenzi bakahulumeni, izinyunyana eziningi zisisayinile lesi sivumelwano, wathi ezinye zisichithile okuyinto ejwayelekile.