ISITHOMBE esibonisa owesilisa ezama ukutakula abavaleleke ngemuva kokuzamazama komhlaba eTurkey naseSyria isithombe: The Peninsula Newspaper/FACEBOOK
BABALELWA ku-1 500 abantu ababhubhe ngesikhathi kuwa ibhilidi kuzamazama umhlaba eTurkey naseSyria.
Ama-video azungeza ezinkundleni zokuxhumana athuse abaningi kubonakala ibhilidi lamafulethi liwa bhu phansi. Kwezinye izindawo kubonakala imigwaqo iklayeke phakathi, izimoto zimbozwa yizinguzunga zamatshe.
Kuthiwa ukuzamazama komhlaba okungu-7.8 magnitude kushaye kakhulu emngceleni oseningizimu yezwe iTurkey nasenyakatho yezwe iSyria kodwa ukuzamazama kuhambe ibanga elide kakhulu ngoba kuzwakale nasezingxenyeni ezimbalwa zezwe i-Iraq.
Ngokwemibiko yabezindaba emazweni aphesheya, kuqinisekiswa isibalo sabangu1500 abashonile, kodwa sisazonyuka kwazise kunezindawo abezimo eziphuthumayo nabatakuli abangakafinyeleli kuzona futhi izinkulungwane zabalimele zigcwele ezibhedlela nasemitholampilo.
Okwamanje, angu-45 amazwe alule isandla ukulekelela amazwe akhahlamezekile njengoba kuthiwa angu-2,818 amabhilidi abhidlike aphela
VIEWER DISCRETION: Video showing an entire building collapsing in Turkey after 7.8 earthquake.
— #GenerationalThinker (@KobbyKyei_) February 6, 2023
Killing more than 900+ people.
Rest In Peace all lost souls. #Blogger
📹: Gerashchenko_en/Facebook pic.twitter.com/xyk8uMRvAO
ngokombiko weThe Times of Israel, undunankulu wase-Israel uBenjamin Netanyahu uthe izwe lakhe lilungiselela ukuthumela usizo eTurkey naseSyria ukulekelela kulandela le nhlekelele.
“Ukuphendula isicelo esenziwe wuhulumeni waseTurkey sengikhiphe umyalelo wokuba kuphuthume amathimba ezinhlekelele nezempilo ukuyolekelela,” kusho uNetanyahu.
Related Topics: