Sisesikhathini sonyaka lapho abathandanayo bezohlangana babe ndawonye ngosuku lwezithandani.
Abantu besilisa baphansi phezulu bayazilolonga, bayazibhila ngezindlela ezehlukene, bazicijela ukuthi bafike babe ngundabizekwayo ekujabulisaneni ngocansi.
Insingabadala yovuthondaba utalagu abanye abaluzwa ngendaba, asebezame isikhathi ngezikhathi kodwa lutho! Kokunye sebaze bazitshela ukuthi mhlawumbe baloywa ngowokhukhuva olwashona seluzivalekele amehlo nomlomo.
Sake sachaza kule ngosi sathi uvuthondaba lufika njengomnkenenezo kube sengathi kunokubanda eqolo nasemgogodleni, zonke izicubu zomzimba zivele zivume ngengoma eyodwa; uzizwe usuphimisela amazwi ongeke uwazi afike kanjani ezindebeni zomlomo kokunye uze umemeze uthi, ‘alibongwe igama leNkosi, wamuhle Jehova, Ameni!’
Umbuzo obalulekile uthi sifika kanjani kuvuthondaba? Yini eyenza abanye bakwazi ukufika kathathu emzuliswaneni owodwa kodwa abanye baluzwa ngendaba akufikeki mpelampela? Impendulo yale mibuzo ilele ekukhumbuleni ukuthi ucansi akusiyena ungena uyaphuma okungathi uxova udaka ngezinyawo. Ucansi akusikhona ukujaha omunye ngomunwe, umvalele ekhoneni umuntu wabantu, ugcine ufake amagciwane enanazini yakhe.
Angikhohlwa ukugcizelela ukuthi ucansi akusikhona ukuhlasela amabele, upheke izingono ngebhodwe lendlala ngoba wezwa kuthiwa ungabowakhohlwa amabele. Ucansi ukulungisana ngendlela efanele, kusukela engxoxweni yamehlo, ezandleni ezifukamele inkulumo kuze kuyofika ekudlalisaneni ubulili.
Fikani ekwabelaneni ngobulili ngokungqongqoza kancane kancane! Lokhu akudingi holokoqo lwenduku, kuphela ulwazi lokuthi uthi qo qo kuphi bese ulandelisa kuphi? Uyabona umuntu owazi ukungqonqoza ngendlela ehlelekile, ngeke umkhohlwe empilweni yakho! Ngikhuluma ngomuntu okwazi ukuthatha ikhinqi lenduku alithi lungu esicongweni sikabhontshisi, asuke lapho ayothi qo qo ezinyaweni zawo ubhontshisi belu. Uzosuka lapho ahambe lukeke ngekhinqi lakwabo ungathi uyatelebhela uqhenyela izindebe ezinkulu zenanazi, elokhu ezithinta kancane nje ungathi akajahe ndawo, aphinde ahle anyuke nazo. Ngaleso sikhathi ungathi zithi sondela, sondela bo! Ngiyazizwela izindebe ezincane esezilokhu ziphayiphayiza zithi kanti thina uyosiqabula nini wemakhinqiza? Tshela mina ukuthi umshiza noholokoqo lwenduku kungenaphi lapha?
Khuluma phela ‘siyazi’, kungenaphi? He he!, bese kwenzekani-ke uma usuka la? Uyazi nawe ukuthi uma usondela enkosini uyagaqa uhloniphe. Lalisa induku kube sengathi uyayihudula phezu kwezindebe ezincane, ushaye indesheni phezu komlomo wenanazi mfowethu. Lapha uyozwa umuzwa esiswini senduku kube ngathi kukhona okukumunca kukuyeka. Izicubu zomlomo sezithi, “woza woza ngena manje!” Ziqhenye ungangeni. Phinde uzakhele umkhanya wehle uphinde wenyuke. Umlingani wakho ngalesi sikhathi usuke engasakwazi nokuphefumula, esekunkonkoshele sengathi uzosuka uvuke ubaleke. Ngiyakutshela imikhemezelo eyolokhu ikufafazela lapho, nawe kusuke sekunzima ukuqinisela. Iqolo seliyazenzela nje, lizifendela.
Engani wena uyazi ukuthi ufuna unqambothi lovuthondaba angithi? Thulake ulalele! Ngena kahle nje emlonyeni wenanazi, ungajahi. Thinta onke amagumbi omgudu ngenduku yakho, ngikhuluma ngokunyakazisa igumbi lasentshonalanga, nyakatho, ningizimu nempumalanga. Aphinde amagumbi. Suka manje ngekhinqi nomzimba wenduku uyothinta uphahla lomgudu, lapha ngasekungeneni ungakafiki maqondana nezimpande zikabhontshisi. Ngicela uyizwe, uyiqonde kahle le ndawo. Ngithe thinta le ndawana eyithufuzana, ingasekungeneni ngaphambi kokuqondana nezimpande zikabhontshisi.
Ijikeleze le ndawo ngenduku yakho, phela yile ndawana abayibiza ngokuthi iG-spot. Kuyobe akuphelele uma sishiyana kulo simangamanga oyithufuzana esithe iG-spot yansondo. Angithi phela kukhona enye indawana ekhethekekile (sesiyahleba manje) elapha ngezansi, empeleni uma ungena nje emgudwini ngenduku, cindezela le ndawana ehlanganisa umgudu wocansi nomgudu wendle.
Uyangizwa yini? Uyabona lapha kunemizwa ewunqambothi ethi uma uzofika uthi mfa mfa kuyo bese ubuyela kuyiG-spot kuphihlika izingilazi ematafuleni. Uyozwa izwi elithi ‘Uyesabeka. Ongabonwayo! Khumbula ungaxhamazeli, thatha isikhathi sakho, landela isigqi somlingani wakho ahamba ngaso, nakanjani ngiyakutshela wena…. Ngesikhathi uzithinta ngenduku yakho lezi zindawana, izandla zakho zona zilumbanisa imizwa esezihlathini, ekhanda, emabeleni, entanyeni, ucumbaza izindlebe, amazwi amtoti emlonyeni…! Nakanjani uyozwa senikhuluma izilimi, nozwakala nobabili senithi, ‘ngiyabonga akukaze kube nje’….. qathatha senifikile kuvuthondaba!!
Tshela mina ikuphi indima yohalakasha kabhomubhomu wenduku la?
Mpilonde!!