UNksz Gosiame Thamara Sithole obelethe amawele angu-10 Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency (ANA)
UQOPHE umlando owesifazane ebeletha izingane ezingamawele ezingu-10 esibhedlela esiseTshwane, eGauteng, ngoMsombuluko ebusuku.
UNksz Gosiame Thamara Sithole (37), wase-Tembisa, Ekurhuleni, ubelethe izingane zabafana eziyisikhombisa namantombazane amathathu. Lo wesifazane ohlinzwe kungakafiki isikhathi sokubeletha, kuthiwa uphule irekhodi le-Guinness World Record, ebeliphethwe ngu-Nkk Malian Halima Cissé waseMorocco, yena obelethe izingane eziyisishiyagalolunye ngenyanga edlule.
Isolezwe lithinta udokotela wabesifazane, uDkt. Dumisani Zungu, uthe into engajwayelekile lena eyenzekile.
“Into eyivela kancane kakhulu lena evelile. Kuba yisimo esinzima ukubhekana naso kowesifazane osuke ezithwele. Kuphela ngisho nendawo esiswini njengoba izingane ziningi kangaka. Into enkulu, isibeletho sisheshe sikhathale, singalindi izinyanga eziyisishiyagalolunye. Ingane ibe isiba nesimo esinzima uma iphuma kungakashayi isikhathi.
Kuzodinga izinto ezisezingeni eliphezulu ukugcina izingane ziphilile. Nangendlela yokugcina izingane kuzoba nezinselelo.
“Akuwona umthwalo omncane, kuzoba nezinkinga eziningi njengoba izingane ziphume kungakashayi isikhathi,” kusho uDkt Zungu.
Uthe uma izingane ziphezu kwezimbili noma ezintathu kusuke sekumele owesifazane abelethe ngokuhlinzwa.
Uthe ukwanda kwenzingane kuyenziwa uhlelo lokukhulelwa kusetshinziswa ubucwepheshe i-In vitro fertilization (IVF).
“Kungaba i-In vitro fertilization (IVF) engenza izingane zibe ningi kangaka, ayikho indlela yokuchatha nokugeqa engenza ukuba izingane zibe ningi kangaka. Ngaphandle kwalokhu, kuba yimvelo nje,” kusho uDkt Zungu.
Ephetha uthe: “Isibusiso ukuthola izingane ngalolu hlobo. Sidinga idolo (ukuthandaza), ukuba ahambe ibanga elingaka izingane zize ziphume. Bese ziyaphila.”
Odokotela babetshele lo wesifazane ukuthi uzithwele izingane ziyisithupha, kwabuye kwatholakala ukuthi ziyisishiyagalombili, njengoba bekukhona ezimbili ezazigaxele endaweni engafanele. Esebeletha kube isimanga esethola ukuthi zingu-10 izingane.
Umyeni walo wesifazane, uMnuz Teboho Tsotetsi, uveze ukuthi bajabule kakhulu ngokubavelele.
UNksz Sithole kuvele ukuthi unamawele aneminyaka eyisithupha, awathola ngaphambilini.
Ekhuluma nephepha elinguzakwabo weSolezwe i-Pretoria News, ngoMsombuluko ebusuku uTsotetsi, uthe uThamara ubelethe enamasonto angu-29 ezithwele.
“Abafana abayisikhombisa namantombazane amathathu. Ubenezinyanga eziyisikhombisa ezithwele, nezinsuku eziyisikhombisa. Ngijabule. Angikwazi nokukhuluma nje, ubuye ungithinte,” kusho uTsotetsi.
Lezi zithandani kuke kwakhulunywa nazo ngenyanga edlule kodwa zacela ukuba udaba lungashicilelwa ngenxa yosiko nokusabela izingane. Zaveza ukuthi zashaqeka zithola ngalezi zingane.
Unina wezingane uyimenenja esitolo kanti uyise wazo akasebenzi.
Bathi bebengasalali kahle bezibuza ukuthi izingane zizophila kanjani esiswini, zibelethwe kanjani?
Unina wezingane waveza ukuthi akulula ukuthwala lezi zingane kodwa ubekubheke ngabovu ukuba azibelethe zonke.
“Bengingakholwa. Ngazizwa sengathi uNkulunkulu ungikhethile. Kuyisibusiso ukuba nginikwe izingane ezingaka, abantu abaningi bayazifisa izingane. Kuyisimangaliso, engisijabulelayo. Ngaze ngaya kosesha ukuthi ngempela umuntu uyakwazi yini ukubeletha izingane ezingaka ezingaka. Bekuyinto entsha. Bengazi ngamawele, amathathu, ngisho namane kodwa hhayi lokhu. Kuthe sengithola ukuthi into eyenzekayo sengibona nemibiko kadokotela, ngajabula kakhulu. Sengijahe ukubagona,” kusho uTsotetsi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebejabulela lezi zithandani ngesimanga esingaka. Abanye bebethi bona bangaphisana ngazo, abanye bethi bangazigcina zonke. Abanye belibeka ngembaba ukuthi bangakhihla isililo nje uma into efana nalena ibavelela.
Kwizinkundla zokuxhumana bebesho ukuthi bekumele kube ne- National baby shower, benikezwe izipho. Lokhu kuvele ukuthi kuphakanyiswe owayengumholi kwi-DA uNksz Lindiwe Mazibuko. Lokhu kube sekugcwala izinkundla zokuxhumana kuswekwa abanye abantu. Abanye bephakamisa ukuba kusizwe lomndeni, ngokondla lezi zingane. Bebodwa abazibophezele ukuba beseke lezi zithandani ngamanabukeni nezinye izinto ezizodingwa izingane.