UNKSZ Naledi Lukhophe, umnikazi we-Afri Strings yasePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
EQALA ibhizinisi lezemfashini uNksz Naledi Lukhophe, ubevame ukwenza imidwebo yomsiko wento ayifunayo, bese ewuhambisa kwabakwazi ukusika ingqephu ukumlekelela ngokuthunga ngoba yena engakakwazi, ngaphambi kokuba impahla itholwe yikhasimende elisuke lifake i-oda lempahla ethile ebhizinisini lakhe.
Nokho ukuqaphela ukuthi impahla ibuya ingesikho lokho asuke ekufuna, obekumqhatha namakhasimende akhe uma esewadilivela impahla, kwenze wafunda ukuzimela, wazifundisa yena ukuthunga - esebenzisa ulwazi olutholakala kwiYouTube.
Uqale kanjalo ukuzimela ngokuphelele ebhizinisini lakhe i-Afri Strings, aliqale ngo-2021 esenza imikhiqizo yezikhindi zangaphansi zabesifazane kuphela ngaleso sikhathi, kwathi ngokuqhubeka kwesikhathi wengeza ngokwenza izimpahla ezehlukene zembokodo kuphela.
Elandisa ngohambo lwakhe lwebhizinisi, uNksz Lukhophe wasePort Shepstone, ogwini oluseninizimu yeKwaZulu-Natal, uthe lokhu kwaqala kuyindlela yokuzichithela isizungu kuyena esafunda emazingeni aphakeme, okuthe ngokubona ukuthi sekungenisa imali wanquma ukuqhubeka nakho ukuze azimele abuye aziphilise.
OMUNYE wemikhiqizo ye-Afri Strings
Image: SITHUNYELWE
“Ngiqale leli bhizinisi sengenza unyaka wami wokuqala we-Information Technology eRosebank College, okuthe sengiphothule izifundo zami ngo-2023 ngaqhubeka nalo ngokugcwele, ngisebenzisa ulwazi engiluthole lapho, nengaluthola ezifundweni ze-software development engaziphothula e-IT Certification Academy ngo-2020. Ulwazi lwezobuchwepheshe engibufunde lapho lungisiza kakhulu ukwenza ama-design emisiko ehlukene engiyenzayo, nokuthi ngikwazi ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngendlela efanele ukusabalalisa umkhiqizo wami ebantwini,” kusho uNksz Lukhophe.
OMUNYE wemikhiqizo ye-Afri Strings
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba uthe okwenza ahluke kwabanye ancintisana nabo wukuthi imisiko yakhe igqize futhi iqhakambisa ubu-Afrika, kubalwa nezikhindi zangaphansi - azenza ngendwangu enjalo futhi ngendlela eyimfihlo yobuciko bakhe yedwa.
Uthe: “Ibhizinisi lami likhula ngokushesha impela njengoba kumanje sesinesitolo esisebenzela kusona ePort Shepstone, kanti futhi sithola amakhasimende nakwezinye izindawo koGoli ngisho naseBostwana imbala.”
EMINYE imikhiqizo ye-Afri Strings
Image: SITHUNYELWE
Uthe nakuba kuhamba kahle kodwa nezinselelo zikhona njengoba kubuye kube yinkinga ukuqhuba umsebenzi ngendlela efunekayo njengoba esebenza yedwa okwamanje, okwenza ukuthi agqilazeke uma umthamo womsebenzi usumningi kakhulu, nokuthi kusenzima ukuthola abantu abazozibophezela ukusebenza naye.Uthe wake waqasha abasebenzi esikhathini esedlule, kodwa kwahamba, kwahamba bahluleka endleleni.
“Nokho ngijabule ngendlela ibhizinisi elikhula ngayo njengoba kulo nyaka nje kuphela selenze imali engaphezu kuka-R15 000, kanti futhi sibheke ukuthi liqhubeke nokukhula lize ligcine selinendawo enkulu yokusebenzela futhi libe ngelaziwayo nelithenjwayo ngokukhiqiza imisiko yemfashini yezinga eliphezulu,” kusho uNksz Lukhophe.