UNKSZ Nonhlanhla Sikhosana, umnikazi weNolinda Cleaning Solutions yaseThekwini
Image: SITHUNYELWE
UKUZAMA impilo, ebamba amatoho ezinkampanini ezehlukene bekwenza angagculiseki futhi angabi nokuthula emoyeni usomabhizinisi waseSea View, eThekwini.
UNksz Nonhlanhla Sikhosana, wadla amathambo engqondo ngokuthi yini ehlukile angayenza ukuze aziphilise ngento ezomjabulisa futhi ezomenzela inzuzo.
Uyiqale kanjalo iNolinda Cleaning Solutions, inkampani eyenza imisebenzi ehlukene yokuhlanza, ayivule ngo-2023. Lokhu kwakufana nokulandela ubizo nentshisekelo ngenhlanzeko ngoba ukhule engumuntu oyiqhathanzipho, ongazwani nendawo engcolile.
Uthe uze ufika kulesi sigaba nje, emva kokuphothula u-matric eDurban Girls High ngo-2012, uqhubekele eNyuvesi KwaZulu-Natal, ophikweni oluseMgungundlovu, lapho enze izifundo ze-Bachelor of Social Sciences in Media and Marketing, waqeda ngo-2017.
“Emva kwalapho ngisebenze eMnyangweni wezeMidlalo,
AKUKHO lapho engafinyeleli khona uNksz Nonhlanhla Sikhosana uma iNolinda Cleaning Solutions seyenza edume ngakho
Image: SITHUNYELWE
ezobuCiko nezamaSiko ngo-2021 kuya ku-2023, okuthe uma kuphela lowo msebenzi, ngahamba ngibamba amatoho, obekungangigculisi futhi kunganginiki ukuthula emoyeni. Yilapho engibone khona ukuthi kuzoba ngcono uma ngigxila entweni engiyithandayo ukuyenza.
“Ngisaqala ibhizinisi, bengisebenza ngedwa wonke umsebenzi ububheke mina, kwaya ngokuya ngagcina ngiqasha abantu abathathu abayitoho ukungisiza uma kunomthambo omningi womsebenzi ukuze kusheshe esikucelwe yikhasimende,” kuchaza uNksz Sikhosana.
ISALA ibenya kanjena indlu esithintwe yisandla seNolinda Cleaning Solutions
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe inselelo enkulu wukuthi kubuye kube nendlala yamakhasimende. Lokhu kuphoqa ukuthi uma kusahamba kahle azikhandle ngomsebenzi ukuze enze inzuzo ezokwazi ukusimamisa ibhizinisi, lingawi uma kusathe cwaka ekutholeni imisebenzi.
“Nokho kuyasebenzeka ngoba kwesinye isikhathi uma kuhamba kahle ngiyawenza uR5 000 ngenyanga futhi ngisizwa nawukuthi senginamakhasimende ami engaziyo ukuthi ahlale ezothinta mina uma kukhona umsebenzi wokuhlanza adinga ukuthi wenziwe,” usho kanje.
Mayelana nezinhlelo zangomuso, uNksz Sikhosana uthe uhlela ukuthi azinzise le nkampani, ayiqala ngoR2 000 wokuthenga izinsiza zokusebenza ezazidingeka ukuze aqale umsebenzi webhizinisi.
“Ngifuna ukuthenga imishini emikhulu eyahlukene yokusebenza okuzokwenza sikwazi ukwenza imisebenzi eminingi yokuhlanza kanti kusemqondweni wethu ukugcina sicija abanye abantu abanothando lomsebenzi esiwenzayo, ikakhulu abagada emzini yabantu ngoba yibona abahlalelwe wumsebenzi wokuhlanza nsuku zonke,” kusho uNksz Sikhosana.