UNKSZ Gugu Mpungose womcimbi wabantu besifazane i-Leading in Heels
Image: SITHUNYELWE
UKUQAPHELA ukuthi abesifazane basasalele ngemuva ezintweni ezithile nasemikhakheni ethile yizona zinto ezenza ukuthi uNksz Gugu Mpungose wenkampani i-Black Tie Media and Communications ashisekele ukuhlale enezinto azenzayo ukufukula imbokodo.
Yilokho okwenze ukuthi nakulo nyaka wakhuza ibuya ngomcimbi wakhe waminyaka yonke i-Leading in Heels, lapho ezobe ehlanganise khona izikhulumi zabesifazane zodwa, ukusiza izethameli zomcimbi, nazo ezizobe zingezabesifazane kuphela, ukucebisana ngamasu okumele zikwenze noma zikugweme ukuze ziphumelele ezintweni ezizenzayo.
UNKSZ Londy Mazwide Ndwandwe we-Andimahle Events
Image: SITHUNYELWE
Lo mcimbi uzoba sePlatinum Belt Lounge, eMhlanga, ngo-Ephreli 12. Kanti kuzongenwa ngo-R595 kuwona umuntu ngamunye. Nonyaka ingqikithi yawo ithi Mastering The Art of Success, okusho ukuthi kuzosizwa abantu ukukwazi ukulawula ubuciko bokuphumelela.
UNKK Zenzile Gwamanda weThekwini Maritime Cluster
Image: SITHUNYELWE
Kulo mbuthano, owaqala ukwenziwa ngo-2019 - okuzobe kushiyelwana inkundla ngokucebisa izihambeli kuzobe kukhona noNksz Zodumo Shange ongumlingisi wakwiSibongile and The Dlaminis, ozocebisa izihambeli ngokuthi kungewa futhi kuchunywe kanjani kwezokulingisa, nokuthi yikuphi okunye okumele ugabe ngakho uma uyiciko, ungami ngobuciko bodwa.
UMLINGISI uNksz Zodumo Shange
Image: SITHUNYELWE
UNksz Londy Mazwide Ndwandwe we-Andimahle Events uzocebisa izihambeli ngokumele zikwenze uma zifuna ukusungula amabhizinisi, nokuthi ziwachumise kanjani. UNksz Labo Nkuku uzokhuluma ngokuthi wenza kanjani uma ufuna ukuthi umkhakha ogxile kuwona ukusebenzele, bese kuthi isikhulumi esiqavile sosuku kube wuNkk Zenzile Gwamanda weThekwini Maritime Cluster.
ESINYE sezikhulumi ezizobe zisemcimbini i-Leading in Heels uNksz Labo Nkuku
Image: SITHUNYELWE
“Ngihlanganise lezi zikhulumi zemikhakha eyehlukene ngoba ngifuna ukuthi cishe wonke umuntu ozobe ehambele umcimbi kube khona akuzuzayo, futhi kuyindlela engiyisebenzisela ukucebisa abesifazane bemikhakha ehlukene ngabangakwenza ukuze babe ngabaholi futhi bakwazi ukuchuma ezintweni ezehlukene abazenzayo,” kusho uNksz Mpungose.
USOMABHIZINISI oyi-content creator uNksz Olwethu Msomi
Image: SITHUNYELWE
Uthe ufisa ukuthi lo mcimbi wakhe ukhule ngendlela yokuthi ungagcini ngokwenzeka kanye ngonyaka, kepha okungenani wenzeke kanye ngenyanga okuzosiza ukuthi ufinyelele ebantwini abaningi abasezindaweni ezehlukene.
“Lokho kuzosiza kakhulu ngokuthi kucijwe futhi kukhiqizwe abantu besifazane abanamandla nabakwaziyo ukuzimela, okuzosiza ukuqeda inhlese yokuthanda ukuncika kwabanye abantu ukusenzela izinto ngoba yikho okubuye kwandise udlame emindenini,” kusho uNksz Mpungose.