Izinhlobo zokudla nokubaluleka kwazo. Isithombe: BCWORKOUT
Baningi abantu bakithi abavumela izibiliboco zokudla zingcweke, zihlukumeze usinyaka, bazithole sebephalaza, kugcwalelane ucabango kuhambisana nezinhlungu, bagcine sebephelelwa ngamandla ngenxa yento eyodwa emele ngabe iyabasiza; okungukudla.
Usinyaka yingxenye yomzimba ebalulekile ngenxa yemisebenzi eyahlukene nebalulekile eyenzeka ngezikhathi nasezimeni ezingafani. Usinyaka ndini utholakala esiyingini somzimba eduze kwesibindi uze uyokapakela ngasobendeni kwesobunxele. Imisebenzi ebalulekile kasinyaka:
Ukugaya icoyisisakalise ukudla okwehlukahlukene kuhlanganisa nokungamafutha ukuze umzimba ukwazi ukukumunca
Ukukhiqiza izinhlayiyana ezibizwa ngokuthi amahomoni, omunye wemisebenzi yawo ukulawula kokusebenza kukashukela emzimbeni
Ngithe angichaze kanje ngenxa yokwanda kwabantu abahlushwa ukuphalaza okungazwani nokudla kuvele kubuye ngokushesha. Uma uthi uyakufaka, ukudla kunuke kukude, sibe buhlungu isisu, kube nento ethi ngci ocabangweni, kungaphefumuleki. Uma ukhishwa yisisu kuphuma indle enuka kakhulu, ayaphela amandla, wehle nasemzimbeni ngokushesha. Uma uzwa kanje emzimbeni, bhasobha nakanjani kusuke sekugadlile ukudla, kwaphihliphihliza usinyaka, uyokhala uzithulise!
Abantu bakithi bayaphuza ukufika, kokunye kusuke kuwukujikeleza ngapha nangapha, kulokhu kuthiwa banezilonda emathunjini (ama-ulcers) noma kuthiwe bane-esidi eningi njalo njalo. Uyaye uthole isiguli sesilashwa izilonda undendende wento kodwa kungabibikho umehluko.
Ngiyafisa ukugcizelela ukubaluleka kokubelesela udokotela wakho ukuthi makafune imbangela (ngisho umsusa) wokugula kwakho, akunikeze incazelo ezokwenelisa. Yekani ukwesaba, sibuzeni ukuthi isifo sibangelwa yini?
Usinyaka uzungezwe yinyongo nesibindi kwesokudla, ubende esinxeleni, iningi lamathumbu azungeze agcwala ngezansana nawo. Engosini edlule, sagcizelela ingozi elethwa ukudla lokhu esathi kuphehliwe (processed) njengopholoni, ama-Rashiyeni azo zonke izinhlobo. Sekukhona nalawa okuthiwa ngo-Yababa, ama-burger, inyama ebomvu eyosiwe, isitambu esizipheka imizuzu embalwa manje. Yini singazibuzi ukuthi yini esifakiwe eyenza sisheshe sivuthwe kangaka?
Iziguli eziningi ezifika nezimpawu engizibale ngenhla uthola ekuhloleni ukuthi usinyaka yiwona olimele kakhulu. Abagulayo bafika beshisa emzimbeni, bephalaza, bekhala ngezinhlungu ocabangweni kuhlanganisa namahlombe, kwabanye luze luvuvukale, amandla emzimbeni engekho, ogulayo evevezela, omunye sekunzima ukuzihambela.
Uma ubheka emuva ufuna imbangela uyathola ukuthi ukudla esikudlayo yikho okubelesela usinyaka uhuzuleke uze ugcine usuvuvukele usukhiqiza amakhemikhali aququda ingaphakathi lamathumbu, ugcine sewukhishwa yisisu kuphume indle engamanzi esho phezulu ngephunga elinuka kabi.
Ngifisa ukucacisa ukuthi ezinye izimbangela zokulimala kukasinyaka yilezi;
Isiphuzo utshwala, siyawuhuzula ulimale usinyaka.
Umzimba uyakwazi ukukhiqiza amasosha avele aphunduleke agcine esebuka usinyaka njesicubu esingesisona esomzimba, bese eseyawuhlasela.
Amakhemikhali anamandla, imithi enhlobonhlobo esiyisebenzisayo sithi siyazelapha. Kukhona namakhemikhali adayiswa ezindaweni ezahlukene okuthiwa enza izimang. Nawo anayo intuba yokuphihliza usinyaka.
Nemithi yesiZulu uma uyisebenzisa ingaba nawo umthelela. Omunye uzozibuza ukuthi uma kunezinye izimbangela, yini eyenza siphakamise ukudla njengomshophi olimaza usinyaka? Isizathu ngane zakwethu silele ekutheni, ukudla yikona okulokhu kungena kuphindelela lapha kusinyaka nsuku zonke, okusho ukuthi usinyaka usuphenduke inkundla ukugcakagcwa kuyo.
Ngaphezu kwalokho, eminyakeni esesiphila kuyo, kunokudla okuphehliwe okuza kuyizinhlobonhlobo, namakhemikhali amaningi akuphehlayo. Lokhu kusenza sisondele ekutheni ukudla yikhona okushaya usinyaka udume lwengozi olukhipha umongozini oza nenqwaba yezinkinga. Ngingamvumela futhi othi ukudla kwesinye isikhathi kuhlanganyela usinyaka nezinye izimbangela, kodwa yikona okungubhongoza ozihola phambili.
Ngiyaphinda ngiyagcizelela ukuthi ukudla kuyingozi okuningi kwakho, kudala izifo ezibulala imindeni nesizwe. Namhlanje sikhulume ngengozi eyenziwa ukudla engxenyeni eyodwa ewusinyaka, ungazicabangela nawe ukuthi ingakanani ingozi eyenziwa wukudla emzimbeni uwonke? Asikwazi ukusina endaweni eyodwa sibe ingozi siyibona. ISilo samaBandla onke esisanda kukhothama, komunye umhlangano sathi, “Kuwubuwula obuphindiwe ukungena esizibeni sigcwele izingwenya, wena uzitshele ukuthi ngeke zikwenze lutho …”
Mpilonde!