Kukhuzwa amaZayoni ngokungahleleki ngesikhathi sePhasika
Image: FACEBOOK
ISIKHATHI somgubho womkhosi wePhasika yilapho amakholwa, ikakhulu awenkolo yobuKristu, ephithizela khona ukulungiselela lesi sikhathi esingesinye sezimqoka kabi kuwona lapho asuke egcwele izinkalo zonke zezwe, ukuhlanganyelela ukugubha akholwa wukuthi kuwukufa nokuvuka kweNkosi yawo uJesu Kristu waseNazaretha.
Emahlelweni ehlukene ezinkonzo asuke ematasa futhi emaxhapheshu ngalesi sikhathi kukhona nabenkolo yaseZayoni, nabo abangabanye babagubha lo mkhosi, lokho okuvame ukugqama ngobuningi babo emigwaqweni bebabele ezindaweni ezahlukene lapho abasuke beyohlanganela khona, kukhonzwe impelasonto yonke.
Nokho yize usuku nosuku okusuke kuzogujwa ngalo umkhosi wePhasika luyaye lwaziwe njalo uma sekuphume ikhalenda lokuqala konyaka nonyaka, kepha zihlale ziba khona izinselelo ezenza ukuthi kungapheli ukutatazela, kwehliwe kwenyukwa sekuzanywa ukuthi zonke izinto zihambe ngendlela efanele, futhi kungabibikho lutho namuntu okuthikamezayo.
Enye yezinto ezifike zibe yinkinga ngalesi sikhathi sokulungiselela lo mkhosi wukwehliwa kwenyukwa kugqigqwa kosomabhizinisi abehlukene abathunga imifaniswano yamabandla aseZayoni ngokwehlukana kwayo, evame ukuba luhlaza okwesibhakabhaka, ibe luhlaza okotshani nomhlophe - bese kuhluka kulelo nalelo bandla ukuthi lona liqoka ukuyihlanganisa kanjani le mibala yomithathu, kulandelwa umthetho nenqumo yomkhuba wokwenza kwawo.
UNKSZ Sinenhlanhla Khumalo weNenene's Boutique ethunga umfaniswano wamaZayoni
Image: SITHUNYELWE
UNksz Sinenhlanhla Khumalo weNenene’s Boutique yasoLundi, enyakatho yeKwaZulu-Natal - onebhizinisi elithungela iZayoni umfaniswano wazo - ukhale ngokuthi amalungu amabandla aseZayoni anenkinga yokungafuni ukuhleleka nokwenza izinto ngesikhathi, okudala ingcindezi enkulu kubona uma sekuyilesi sikhathi sePhasika.
“Ngenye yezinto leyo edala ukuthi kube namaphutha emsebenzini wethu ngoba sisuke sesinomthamo omningi kakhulu womsebenzi osuke osibhekile, okuningi kwalokho okudalwa wukuthi kunabantu abakhonze ukufika ngemizuzu yokugcina sebezocela ukuthi bathungelwe impahla yabo ngokushesha, nathi ngokuthanda imali kwesinye isikhathi - sigcine samukela umsebenzi omningi ogcina usixaka kokunye,” kusho uNksz Khumalo.
UNKSZ Sinenhlanhla Makhanya webhizinisi lokuthunga umfaniswano wamaZayoni
Image: SITHUNYELWE
UNksz Sinenhlanhla Makhanya naye ozinze oLundi futhi othungela amaZayoni umfaniswano wawo, naye ukhale ngokuthi inkinga abavame ukubhekana nayo ngalesi sikhathi okuwukuthi abantu balinda umzuzu wokugcina, bese kuyikhani bethuthelana kubona ukuzothungisa.
“Omunye uvele akulinge ngokuqala ngokuthumela imali, engasabuzanga nokuthi uzokwazi yini ukumthungela impahla yakhe ngesikhathi afuna ngaso, okwenza sibe nengcindezi enkulu kwesinye isikhathi. Nokuthi njengoba thina sisendaweni engamakhaya nje, kubuye kuthikameze nokunqamuka kwagesi, okwenza ukuthi umkhiqizo wethu ungasheshi, bese siqhatheka emakhasimendeni ethu asuke engezwa mshini uma esefuna impahla yakhe, ema ngokuthi kade akukhokhela, kumele ngabe usuqedile,” kusho uNksz Makhanya.
UNKSZ Fakazile Hlekwani we-FK Clothing othunga umfaniswano wamaZayoni
Image: SITHUNYELWE
UNksz Fakazile Hlekwani we-FK Clothing yaseNanda, enyakatho yaseThekwini, naye othungela amaZayoni, useze waphoqeka ukuthi awavale manje ama-order abantu abamthintayo manje, befuna ukuthungelwa umfaniswano abazohloba ngePhasika ngawo.
Uthe into ehluphayo ngamaZayoni wukuthi ayaqubisa nje uma kuphela noma kuqala unyaka, bese kuthi ngalesi sikhathi esethutheleka ngobuningi bawo esefuna ukuthi enzelwe yonke into ngokushesha, okubadalela ingcindezi ebingagwemeka kubona.
“AmaZayoni awazejwayeze ukwenza futhi ahlele izinto zawo kusenesikhathi, ayeke ukusishusha ngomsebenzi omningi isikhathi sesingasekho. Ekuqaleni konyaka, yilapho esisuke singaxinwe yilutho khona ngakho kungakuhle ukuthi nawo aqale amalungiselelo awo ngaleso sikhathi ukuze kushaye lesi sikhathi sekuhlelekile,” kusho uNksz Hlekwani.