AMA-HEARING Aid ngelinye lamathuluzi angasiza abantu abanenkinga yokungezwa ezindlebeni
Image: PEXELS
INHLANGANO yezempilo emhlabeni i-World Health Organization isibike ukuthi ukungasukunyelwa ngokushesha kwenkinga yabantu abagcina bengasezwa kahle ezindlebeni kungandisa umonakalo kangangokuthi ngo-2050 bangagcina bengaphezu kwa-700 million emhlabeni, okusho ukuthi oyedwa kubantu abawu-10 uzobe enale enkinga.
Ithe lokho kungenzeka uma bengalashwa ngokuphelele laba bantu okumanje babalelwa ku-430 million, kuhlanganiswa nezingane ezincane eziwu-34 million okudingeka ukuthi zelashelwwe le nkinga, abasuke bezalwe bezwa kahle, kushintshe ngokuhamba kwesikhathi.
I-WHO ixwayise ngokuthi inkinga enkulu ngalesi sifo wukuthi singaba nomthelela omubi ebudlelwani obehlukene okungaba ngobobungani, obezothando nasemndenini, futhi kungenza nokuthi umuntu angabe esenza kahle emsebenzini, kuze kugcina kufika lapho umuntu eseba nezinkinga ezeyamene nezifo zokugqilazeka komqondo.
Ivame kangakanani le nkinga ebantwini?
Ukugcina ungasezwa kahle ezindlebeni kuyinkinga evame kakhulu futhi edalwa yizimo ezehlukene. Ukuhamba kweminyaka ngenye yezimo ezidala le nkinga, njengoba abezempilo beveza ukuthi umuntu oyedwa kwabathathu asebeneminyaka ewu-65 nangaphezulu uba nale nkinga. Okunye okudala lesi simo wukuhlale usendaweni enomsindo okungaba isemsebenzini noma ngezikhathi zokujabula. Isifo sikashukela nesomfutho ophezulu wegazi ngezinye izimo futhi ezingenza uhaqwe yilesi simo.
Yikuphi ongakwenza ukulwa nokugwema le nkinga?