Izolo bekuwusuku olukhulu emkhakheni wezobuntatheli emhlabeni jikelele njengoba bekuyiWorld Press Freedom Day. Isithombe: Nqobile Mbonambi/ AfricannewsagencyANA
UKUTHATHELA nokubika izindaba ngokukhululeka, yilungelo elibalulekile kodwa elivame ukucindezelwa emkhakheni wezobuntatheli.
Izintatheli uma zisebenza zivame ukuhlangabezana nezinkinga lapho zithikamezeka khona ukwenza umsebenzi wazo ngendlela efanele nangokukhululeka.
Ziyahlukunyezwa, zithukwe, zishaywe, ziboshwe kokunye zize zibulawe njengoba umbiko weReporters Without Borders uveza ukuthi ngo-2022 kubulawe izintatheli ezingu-55 emazweni ehlukene.
Izolo bekuwusuku olukhulu emkhakheni wezobuntatheli emhlabeni jikelele njengoba bekuyiWorld Press Freedom Day.
Ukubekwa kwalolu suku yiNhlangano yeZizwe eminyakeni engu-30 eyedlule, kwabe kungukugcizelela ukubaluleka kokusebenza ngokukhululeka kwezintatheli nokulwela ilungelo lazo lokubika ngokukhululeka.
Kuyakhathaza-ke nokho ukuthi kuleli nakwamanye omhlaba, kusekhona izigameko zokuhlukunyezwa kwezintatheli.
Kusenezintatheli ezisabhadle emajele eziboshwe yiziphathimandla, eziboshelwe ukwenza umsebenzi wazo.
Siyavumelana noNobhala-Jikelele weNhlangano yeZizwe, uMnuz Antonio Guterres, uma ethi kukhona abaphokophele ukucindezela ilungelo lokubika ngokukhululeka futhi abamelene nokuzihlukumeza.
Ukucindezelwa kwelungelo lokubika ngokukhululeka kuphinde kucindezele nelungelo labantu lokuthola ulwazi.
Ngakho kubalulekile ukuvikelwa kwelungelo lokusebenza ngokukhululeka kwezintatheli nabasemkhakheni wezindaba, kuwo wonke amazwe omhlaba.
Related Topics: