SOUTH AFRICA - ANAPIX - Durban - - 08 DECEMBER 2022 - Osomabhizinisi abasafufusa beklonyeliswa izitifiketi ngaphansi kohlelo lwe Durban University of Technology ihlanganyele kanye nePhalamende Labantu ekabeni yeTheku. Bongani Mbatha: African News Agency /ANA
MINYAKA yonke ngesikhathi sokukhishwa kwemiphumela ka-matric, kuhlale kwexwayiswa ngamakolishi angombombayi.
Ngenxa yokuthi isibalo sabafundi abaphase u-matric sihlale siphezulu kunesibalo amanyuvesi asilungiselele ukwamukela izitshudeni ezintsha, abanye abafundi bavaleleka ngaphandle bagcine bengazitholanga izikhala emanyuvesi.
Bakhona nabanqindwa ngamamaki abawatholile ukungena emanyuvesi yize bezifakile izicelo, nokugcina kuphoqa ukuthi babheke emakolishi nakwezinye izikhungo ezizimele.
Yilapho-ke kuqhamuka khona osomathuba abaqola abantu ngokuthi banamakolishi okuphucula u-matric noma okwenza izifundo ezingeni lemfundo ephakeme.
Sesike saba nayo imibiko ngamakolishi angombombayi, amanye osekuke kwagasela kuwo noMnyango weMfundo ePhakeme.
Lezi zikhungo zisuke zizishaya isifuba ngokuthi zinezifundo futhi ziqeqesha izitshudeni ukuba zifundele ukukwazi ukuba sezingeni elifanele, zibe namakhono ehlukene ukuyoqashwa ezinkampanini nasemikhakheni ehlukene.
Okuvelayo wukuthi izikhungo ezingombombayi zisuke zingabhalisiwe ngokusemthethweni ohlakeni iSouth African Qualifications Authority ukuze zigunyazwe njengokomyalelo womthetho iNational Qualifications Framework Act.
Okusho ukuthi uma isitshudeni sesiphothule ukufunda kulezi zikhungo, sizobhekana nenkinga uma izinkampani esifaka kuzo izicelo zomsebenzi seziphenya ngeziqu zaso.
Kusho nokumosheka kwemali ngokufunda esikhungweni esingabhalisiwe nesingagunyaziwe.
Kungakho sinxusa bafundi bethu ukuba niqikelele ngezikhungo enibhalisa kuzo kulesi sikhathi.
Makungajahwa ukubhalisela ukuba yisitshudeni esikhungweni kungahlolisiswanga ngaso.
Related Topics: