KUQOPHEKE umlando ngeSonto, ngenkathi iqembu lebhola laseThekwini, i-EThekwini Coastal liphakamisa okokuqala indebe entsha ceke, Isolezwe Cup.
Leli qembu libe ngabanqobi emqhudelwaneni osungulwe yiphephandaba lakho mfundi, Isolezwe. Ubuyingxenye yemigubho yeminyaka engu-20 iphephandaba lasungulwa.
Kube wumzuzu omnandi futhi osigculisile nathi siyiphephandaba ukubona indlela amaqembu awuthakasele ngayo lo mqhudelwano, osongwe ngeSonto enkundleni iGlebelands, eMlaza.
Kusigqugquzele nokubona amaqembu abesifazane nawo eba yingxenye yomqhudelwano. IKwaMashu Sisters yiyo ephakamise indebe emqhudelwaneni wamaqembu abesifazane.
Kuyintokozo kithi bafundi bethu ukunethulela ukuthi lo mqhudelwano ube yimpumelelo futhi sizimisele ukuwubona ukhula eminyakeni ezayo.
Emphakathini, ezemidlalo kazigcini nje ngokujabulisa abalandeli kepha zibalulekile ngokuthi ziyakwazi ukuvumbulula ikhono nokuvimba intsha ezilingweni zokwenza izinto ezingafanele.
Yingakho nathi sifuna ukusebenzisa zona ezemidlalo ekufakeni isandla ekuthuthukisweni naasekuphuculweni kwentsha.
Siyabonga kakhulu kubaxhasi bethu abenze lo mqhudelwano waba yimpumelelo. Siyabonga nasemaqenjini angu-21 agadulisane kwaze kwaba semaphethelweni omqhudelwano.
Kakhulu, sibonga nabo bonke abafundi abeze enkundleni ukuzokwethamela le ngqophamlando.
Siyayibongela i-EThekwini Coastal neKwaMashu Sisters. Halala!!
Related Topics: