Abangaqhuzulwa yitshe elilodwa abadlala izitokofela
ISIQALILE inkinga yaminyaka yonke lapho ngalesi sikhathi kuqubuka khona ubugebengu ngemali yesitokofela.
Njalo ngalesi sikhathi sonyaka sibika ngezigemegeme zokuqolwa kwabantu imali yesitokofela.
Sisazibuza ukuthi kungani kusenzeka lokhu njengoba amabhange esenezinhlelo eziphephile zokuhlukaniswa kwemali yesitokofela?
Kasisekho isidingo sokugcinwa kwemali emzini womuntu noma ikhishwe ebhange iyohlukaniselwa emzini womuntu.
Sisakugcizelela ukuthi lokhu kakuphephile, kuvula intuba yokungathembeki nomhobholo kulawo malungu angathembekile ayingxenye yesitokofela.
Sisho kanjena ngoba yiwo amalungu esitokofela asuke azi ukuthi kunemali engakanani, egcinwe kuphi noma ezohlukaniselwa kuphi. Ngakho siyasola ukuthi imvamisa umkhuba usuke usekhaya kuwo amalungu esitokofela ekuhleleni lobu bugebengu.
Kubuhlungu ukuthi sikhuza ubudedengu ngokugcinwa emakhaya kwemali yesitokofela nje, sekuphume umphefumulo kaNksz Ntombifikeleni Gwala waseMbumbulu, okuthiwa udutshulwe ngabantu abamhlasele kwakhe bethi bafuna imali yesitokofela.
Siyakholwa ukuthi ukube le mali ibigcinwe ebhange, ngabe akabulawanga uNksz Gwala futhi ngabe nayo imali isaphephile kwi-akhawunti yayo.
Siyaphinda siyanxusa kubo bonke abadlala izitokofela ukuthi bawuyeke umkhuba wokukhipha imali ewukheshi iyohlukaniswa.
Abaphathi bamabhuku esitokofela mabahlele namabhange ukuthi imali ingene kwi-akhawunti yelungu ngalinye yikhona kungeke kuze kube khona ntuba yezigilamkhuba nezikhohlakali.
Uma kukhona ilungu eliqhamuka nombono wokuthi ikhishwe yonke imali iyohlukaniswa endaweni ethize, kunqabeni lokhu kuzodonsa izinkinga.
Sekuqalile kuyahlukaniswa manje ezitokofeleni ngakho siyacela ukuba niqikelele, niqwashe niphephe. Nemali enizoyihlukanisa, mayisetshenziswe ngobuhlakani.
Related Topics: