Hleze sikunqande ukuzibulala kwezingane ngokuhlezi siqaphile. Isithombe: SYDNEY SESHIBEDI
UKUZIBULALA kwabantu abasha kusayinkinga edinga ukusukunyelwa yizinhlaka ezehlukene.
Ngokohlaka longoti nodokotela bezengqondo, iSouth African Society of Psychiatrists (Sasop), izibalo zikhombisa ukuthi bafinyelela ku-20% abafundi bamabanga aphezulu asebeke bazama ukuzibulala. Kuvela nokuthi imbangela yokufa komuntu omusha oyedwa kwabangu-10 abaneminyaka ephakathi kuka-13 no-19, kuba yikho ukuzibulala.
Ubufakazi balokho wudaba esisanda kulubika lomfana waseMaoti, eNanda, ongumfundi kaGrade 10, uNsika Maphumulo (15), okuthiwa utholwe elenga endlini.
Kusolwa ukuthi uzilengisile kodwa akucaci okuyisizathu esiholele ekutheni enze lokhu njengoba engashiyanga myalezo ovame ukushiywa ngabanye abazibulalayo.
Kepha kuvela ukuthi ebanganini bakhe angontanga nabo ubeyaye abe nayo inkulumo emayelana nokuzibulala. Ngezinye zezimpawu lezi, iSasop, ethi kubalulekile ukukwazi ukuziqaphela entsheni ukugwema ukuzibulala kwayo.
I-Sasop iveza nokuthi imvamisa okuholela intsha ephakathi kuka-13 no-19 ekuzibulaleni, kuba yingcindezi nokuyinto abazali nabanakekela izingane okumele bayiqaphele.
Lokhu kusho ukuthi abazali kumele bazikhathaze ngokwenzeka empilweni yengane futhi bakwazi ukubona uma kukhona ushintsho olwenzekayo empilweni yengane.
Kumele futhi sisizane singamalungu omphakathi uma kukhona esikuqaphelayo enganeni, singashayi indiva ngoba kungeyakomunye umuzi, yikhona sizogwema isimo esinjengokushona kukaNsika nakho obekungagwemeka njengoba ebelokhu eyikhuluma eyokuzibulala.
Masikhathalele ukwazi okucatshangwa nokukhulunywa yizingane zethu nabangani bazo. Kulabo asebenamaselula, kumele mzali wazi ngokwenzeka kwiselula yengane yakho nohlobo lwezingxoxo eba nazo nabangani bayo.
Siyawududuza umndeni kaNsika neminye esike yehlelwa yilo mshophi okumele sibambisane ukuwugwema.
Related Topics: