Iyize leze imigubho abesifazane behlukunyezwa usuku nosuku: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)
KUSASA, ngo-Agasti 9, wusuku olukhethekile lokubungaza abantu besifazane eNingizimu Afrika.
Wusuku oluqhakambisa ubuhle, ubuhlakani nemisebenzi eyenziwa yiMbokodo neqhaza layo ezweni.
Lolu suku kepha lufika ngesikhathi lapho kunefu elimnyama eNingizimu Afrika eligubuzele impilo yomuntu wesifazane. Lufika ngesikhathi lapho sikhexe imilomo sibabaza ukuhlukunyezwa, ukucindezelwa nokubulawa kwabesifazane. Lufika ngesikhathi abesifazane benokwesaba futhi bethuthumela ngoba kucacile ukuthi akekho njengamanje ongama asho ngeqholo ukuthi yena uphephile.
Nxazonke owesifazane uyahlukunyezwa - emakhaya, emindenini, emisebenzini, emphakathini, ezikhungweni zemfundo nasebudlelwaneni.
Izigameko ezintathu zakamuva esisanda kubika ngazo, esokubulawa kwesitshudeni saseNyuvesi iMangosuthu, esokubulawa kwabafundi ababili ba-matric eCreighton, nokudlwengulwa kwabayisishiyagalombili eKrugersdorp, zisicacisa bha isithombe sempi ebhekiswe kwabesifazane.
Kunalesi simo nje, uhulumeni njengenhlalayenza uhlele umgubho wokubungaza abesifazane, owanonyaka ozoba seMgungundlovu kusasa, lapho kulindeleke khona ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yosuku.
Ayikho into abazobe bebungazelwa yona abesifazane isimo sinje ezweni, abesifazane bebulawa bedlwengulwa mihla le.
Ukuhlela umcimbi ogabe ngezinkulumo akubasizi ngalutho abesifazane, akubaphephisi futhi akubavikeli. Sekukhulunywe kakhulu kodwa esikhundleni sokuthi kube ngcono isimo siya siba sibi kakhulu.
Yingakho ungasiniki mdlandla nasasasa umcimbi wakusasa, ayikho into ebungazwayo kube kufiwa.
Related Topics: