CABANGA ubukhazikhazi behhotela obuphakathi ehlathini lapho ungathokozela ubuhle bemvelo, okuyinto iKingfisher Lakeside Retreat edlisa ngayo
CISHE baningi asebezenzile izinhlelo zokuzikhipha nabathandiweyo babo njengoba ngoLwesibili kuwusuku lwezithandani.
Bakhona kodwa abasabamba beyeka. Abangakazi ukuthi bazolugubha kanjani usuku, abanye bafuna ukwenza into ehlukile abangakaze bayenze phambilini ukuze babasele uthando lwabo.
Uma ungomunye wabasacabanga ukuthi bazozijabula kanjani nezithandwa zabo, ikhona indawo engicabanga ukuthi kungamnandi ukuyivakashela. Hhayi kule nyanga yothando kuphela kepha nangezinye izikhathi.
Abanye bayaye bashaye amakhala uma kukhulunywa ngokuvakashela ezindaweni eziphakathi emahlathini lapho kugxunyekwa khona amatende, i-camping.
Ukukhuluma iqiniso, ngingomunye ongayithandisisi i-camping futhi kungenze ngashaya amakhala uma kukhulunywa ngesitayela sokuzikhiphela ehlathini kodwa ube ulele etendeni elikhulu likanokusho elifana ncamashi, negumbi lasehhotela elisezingeni eliphezulu.
Lokhu kubizwa nge-glamping, okusho ukuthi yize uphakathi ehlathini kepha uyakwazi ukuhlala ntofontofo njengoba usuke usehhotela. Itende elisandlu linemibhede, ikhishi, igumbi lokuphumula, indlu encane neyokugeza.
Ogwini oluseningizimu nesifundazwe, kunendawo ephambili ye-glamping, iKingfisher Lakeside Retreat, lapho izithandani zingazidelisa khona ngokuba nesikhathi esikhethekile endaweni enokuthula.
Le ndawo eseTrafalgar, eduze kweMpenjati Nature Reserve, iyihontshi elimnandi lezithandani ezifuna ukuphuma esiphithiphithini nasedolobheni.
Uma uchezuka kuN2 obheke ePort Edward, ungena uguduze kancane eTrafalgar, ebese uqhamukela ebhodini elikukhomba kule ndawo.
Ungena kuyo ukhangwe yizihlahla notshani obuluhlaza cwe. Abanikazi bendawo abazishaya isifuba ngokuthi buhlale buluhlaza ngazo zonke izikhathi zonyaka.
Ivuleke kamnandi indawo, ngale ndlela yokuthi ‘amatende’ e-glamping amane akule ndawo aqhelelene lokho kunikeza izivakashi indawo eyenele yangasese neyokukhululeka.
Ngaphakathi amatende, anamagumbi angalala abantu abane. Anekhishi elinazo zonke izidingo njengoba kuyindawo yezivakashi ezifuna ukuziphekela. Ingithathe kakhulu indawo yokugezela ngoba ivulekile - inesisefo nobhavu okuseceleni kodwa ngaphandle kwegumbi lokulala, okukunika uzizwe sengathi ugezwa yizihlahla uqobo ngoba ivulekile phezulu.
Amanye amatende ane-swimming pool kanti ikhona esendaweni evulekile okubhukuda kuyo izivakashi ezisematendeni angenayo i-swimming pool.
Abanikazi bendawo bathi ithandwa kakhulu yizivakashi eziyizithandani nemindeni. Bathi okwenza le ndawo ithakaselwe wukuthi inika izivakashi umuzwa wokuthi “zisehhotela elisehlathini.”
Kulabo abathanda ukubona izilwane zasendle ezingeyona ingozi, basho entshweni ngoba uma unenhlanhla uzibona zidlula zitshekedula uma uzipholele.
* Izindleko zokulala kule ndawo zomuntu ngamunye zisuka kuR750 kuya kuR900 ubusuku obubodwa. Ukuvakashela khona, shayela uMalissa Barnard kule nombolo 074 170 4242 noma uthumele i-email kuleli kheli kingfisherlakeside@gmail.com.
Related Topics: