UKHANGWA wutshani obuhlaza cwe ne-gazebo emhlophe qwa eMount Shekinah, okuyindawo ethandwa ngabaningi ukushadela kuyo Izithombe: ZITHUNYELWE
ENYE yezinto ezihamba phambili uma uhlela umshado omhlophe yindawo ozoshadela kuyo. Akusafani nakuqala lapho kwakuqashwa noma yiliphi ihholo, bese kudlisa ukuthi lihlotshiswa kanjani.
Manje sekubhekwa ukuthi leyo ndawo idlisa ngani ezokwenza izinto zibe lula kwabashadayo, njengokuthi inazo izingadi ezinhle zokuthatha izithombe zabashadayo nomthimba.
Kubhekwa nohlu lokudla kuleyo ndawo ukuthi luhlabahlose kanjani kanjalo nezinga lezindawo zokulala. Kubalulekile nokuthi uma uhlela ukushada enkathini eseduze, uhlome ngolwazi lwezindawo ezidlisayo zemishado.
Sikukhethele izindawo ezintathu eziphambili ongakhetha kuzona ezimaphakathi nesifundazwe nezinto ezidlisa ngazo.
I-Lythwood Lodge, eseLidgeton
Imaphakathi nesifundazwe futhi kayikho esiphithiphithini sedolobha. Ngenxa yokuba yindawo ephambili yemishado, isize iba nethimba elikhethekile elisebenzisana nabashadayo ukuqinisekisa ukuthi usuku lwabo luba yimpumelelo futhi luba yilokhu abebekufisa. Inamagumbi okulala enza kube lula kulabo abeze emshadweni.
Kuyaye kube muncu kwezinye izindawo uma sekuphele isikhathi ebesibekiwe sokwenza umcimbi, sekufanele kuvalwe nabahlobisayo sebeqoqa izimpahla zabo sekucaca ukuthi umcimbi uyaphela. Ngenye yezinto edlisa ngazo iLythwood, ukuthi kayisibeki isikhathi sokuvala umcimbi uma nishadela kule ndawo. Zintathu izinhlobo zomcimbi ezihluke ngamazinga nangephakhethe ongakhetha kuzo eLythwood. Kukhona esezingeni leSilver ebiza uR98 000 izicukuthwane ezingu-100, kube yiGold ebiza uR115 000 neDiamond enguR302 500. Uma uya kwi-website yakhona kunemininingwane echaza kabanzi ukuthi izinga nezinga linani. Kwabangafuni ukuncinzeka kakhulu ephaketheni, indawo inezipesheli zemishado ephakathi nezinsuku noma ngeSonto. Ukuthola imininingwane ungathumela i-email, info@lythwood.com noma ushayele ku-033 2344666.
I-Mount Shekinah, eseBalgowan
Le ndawo ikunika ithuba lokuthi uzikhethele ukuthi ufuna umuzwa onjani omshadweni wakho. Ungakhetha ukushadela engadini evulekile edlisa ngotshani obuhlaza cwe, okuthi uma ubulandela ngehlo, ukhangwe wubuhle bezintaba. Ungakhetha nendawo eyingadi ecwalwe kahle ene-gazebo emhlophe, yindawo nakusasa lokhu okusayo ongayifica ikulungele ukuthi kushadelwe kuyo. Inedumela-ke indlu yesonto njengoba izindonga zayo ziyingilazi nokwenza ububone bonke ubuhle bemvelo ningaphakathi esontweni ngenkathi nenza isethembiso sikasofa silahlane. Nangesikhathi sokudla uyakwazi ukukhetha ukuthi uzosebenzisa indawo ekuleli hhotela iThe Upper Room okuhlala kuyo abantu abangu-200, noma kubekwe itende nalo izindonga zalo eziyizingilazi. Ukuthola imininingwane ngokubiza kwamazinga omcimbi womshado, ungathumela i-email kuleli kheli; info@mountshekinah.co.za noma ushayele kule nombolo 033 8144500.
I-Granny Mouse, eseBalgowan
Umshado wumshado ngezithombe. Yingakho le ndawo siyibala nezihamba phambili emicimbini yomshado. Ngendlela izingadi zakho ezinakekelwa ngayo, uyabona ukuthi kusetshenzwa ngobunyoninco ukuqinisekisa ukuthi zicwaleka kahle ngaso sonke isikhathi. Okuhle ngendawo wukuthi umthimba ungakwazi ukuphola endaweni yokubhucunga umzimba, ukuze ulungiselele usuku olukhulu. Okunye umshado odlisa ngakho kuba wukudla nokuyinto engawumosha umcimbi uma kukhona okungahambi kahle. Kunabapheki abasezingeni abadidiyela izinhlobonhlobo zezibiliboco ezenza nomcimbi unyukelwe yizinga. Ikhona nendlu yesonto nayo evulekile okwazi ukubona ngaphandle. Ukuthola imininingwane ngamazinga ehlukene emicimbi yomshado ongakhetha kuyo ungashayela kule nombolo 033 2344071.
* Zonke lezi zindawo zinamagumbi okulala.
Related Topics: