ISIKHULU esiphezulu sophiko, i-Enterprise Ilembe Economic Development Agency, uMnuz Linda Mncube sithi bami ngomumo ukwamukela izivakashi ogwini olusenyakatho nesifundazwe Isithombe: SITHUNYELWE
KAYIFUNI ukuphela imvunge ngokuphepha kwamabhishi aseThekwini, njengoba sekusondele isikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Imvunge ibangwa yisimo sokuqubuka kwegciwane i-e.coli, kwamanye amabhishi aseThekwini, nokuholele ekutheni avalwe.
Ezinhlakeni ezehlukene kuqubuka umbuzo ngezokuphepha nokuhlanzeka kwamabhishi eThekwini, ngoba sekwaba wusiko ukuthi ngoDisemba idolobha lamukela inqwaba yezivakashi eziqhamuka kwezinye izifundazwe nakwamanye amazwe.
Okunye okuheha izivakashi ezindaweni ezigudle ulwandle wukuhlonishwa kwamabhishi ngezinga leBlue Flag, okusho ukuthi asezingeni elifanele, ayakhanga futhi aphephile.
Kuphoxile ukuthi kulokhu alikho ibhishi laseThekwini, elikleliswe ohlwini lwamabhishi aneBlue Flag kepha kubuyise ihemba ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal, sisengakwazi ukuheha izivakashi ngoba kukhona amabhishi esifundazweni akwazile ukuthola isigxivizo.
Amabhishi afakwe ohlwini lweBue Flag, yilawo akanise ngasogwini olusenyakatho noluseningizimu nesifundazwe.
Uphiko olubhekele ezokuvakasha kuMasipala Ilembe, osogwini olusenyakatho, luzishaya isifuba ngezinga lenhlanzeko nangokuphepha kwamabhishi angaphansi komkhandlu walo.
Lolu phiko, i-Enterprise Ilembe Economic Development Agency, luthi lulindele ukuthi ufukulwe umnotho kamasipala ngesikhathi samaholidi kanti bagabe ngezindawo eziheha izivakashi eziseZimbali, Salt Rock, Umhlali, Tinley Manor neZinkwazi.
Isikhulu esiphezulu sophiko uMnuz Linda Mncube, sithe ugu olusenyakatho nesifundazwe yindawo eheha abantu abathanda ukungcebeleka nokuphola, wathi bami ngomumo ukwamukela izivakashi endaweni.
“Sinezindawo zokulala ezigabisa ngezinkanyezi ezinhlanu (ezingeni lezokuvakasha), izindawo ezisezingeni lomhlaba ongazithokozisa ngemidlalo eyehlukene nomndeni kanjalo nezindawo zokudla eziphambili,” kutsaka uMncube, ngogu olusenyakatho.
Uqhube wathi yize sekube khona izikhalo nemibuzo ngesimo samabhishi esifundazweni kodwa amabhishi aseningizimu yogu aphephile futhi avulelekile ukusetshenziswa yizivakashi, ezingajabulela ukubona kuwo namahlengethwa.
“Nsuku zonke siyawahlola amabhishi ukuqinisekisa ukuthi amanzi aphephile ukusetshenziswa yizivakashi. Amabhishi ethu amabili aseBallito iThompson Bay neWillard, asanda kuhlonishwa ngezinga leBlue Flag,” kusho uMncube, egabisa ngamabhishi.
Uthe ezokuvakasha zineqhaza elibaluleke kakhulu ekufuleni umnotho kwiLembe, wathi kunemisebenzi ebalelwa ku-7 000 encike kwezokuvakasha kanti ukuthutheleka kwezivakashi kule ndawo kufukula impilo yabantu abaningi.
Uveze nokuthi njengamanje u-70% wezindawo zokuvakasha kule ndawo usubekisiwe ngakho ugqugquzela izivakashi ukuba ziphuthume zibekise isikhala ngoba ziyagcwala izindawo.
Related Topics: