INKUNDLA yokudlala igalofu eSan Lameer, eyimfivilithi kubathandi nabalandeli bomdlalo Isithombe: SITHUNYELWE
KUSELE isikhathi esingangenyanga kuqale amaholidi okuphela konyaka.
Kwabaningi le nkathi isho ukudedela igazi, ukuphumula upholise ikhanda ezintweni ebezikuxake unyaka wonke.
Yisikhathi sokuvakasha nokungcebeleka kanti isifundazwe iKwaZulu-Natal, sihamba phambili ngokudonsa izivakashi ngenxa yogu olugabisa ngezindawo ezithandwa yizivakashi.
Iningizimu yogu eKZN, idume njengendawo yokuvakasha enezindawo okumele nakanjani uzifake ohlwini lwelezo okumele uzivakashele.
Ngasekupheleni kogu oluseningizimu eSouthbroom, kunepharadesi uqobo lwayo okuyiSan Lameer Resorts. Ohlwini lwezindawo ofisa ukuzivakashela ezifundazweni, ungayishiyi ngaphandle lendawo. Ngethembe uma ngithi, ngeke uzisole!
Leli pharadesi livumela izinhlobonhlobo zemicimbi yabantu, bambalwa abantu abangathi akukho abangeke bakuthokozele kule ndawo.
ESan Lameer kunehhotela eligabe ngamagumbi okulala angu-40, awubukhazikhazi futhi ahlotshiswe ngendlela yesimanjemanje.
Ehhotela kunendawo yokudlela, yokucima ukoma, yokubamba imihlangano, yokuzivocavoca nokubhucungwa umzimba ukuze upholise ikhanda.
Ihhotela ngilibone lifanele wukuhanjelwa ngabantu abahamba ngababili njengezithandani. Lingahanjelwa futhi ngabantu abeze engqungqutheleni noma enkundleni yokucobelelana ngolwazi ehlelelwa abasebenzi yizinkampani.
Leli hhotela lidume kakhulu futhi liyimfivilithi ebantwini abadlala nabalandela igalofu ngoba laba yinkundla yokuqala yegalofu ekwi-estate ukuthuthukiswa kuleli. Le nkundla inakekelwa ngobunono futhi kuba nemincintiswano yegalofu yeqophelo eliphezulu, ukuze abadlali nabahambela le miqhudelwano kubafanele ukuhlala kuleli hhotela.
Kunengxenye yehhotela eseSan Lameer, engihlabe umxhwele futhi efanele abantu abathanda ukuhamba bebaningi - kungaba yimindeni noma abangani. Le ngxenye yepharadesi yilapho kunezithabathaba zemizi khona, eminingi yayo esetshenziswa yizivakashi.
Le mizi ishiyana ngobukhulu bayo kukhona enamagumbi angalala abantu abane kuya kwengalala abayishumi.
Iningi layo ngaphandle linama-swimming pool, nezindawo zokuphumula nezokosa. Uma uhleli kule ndawo yokuphumula ukwazi ukubona inkundla yegalofu, amadamu amancane, ulwandle - kuya ngokuthi ukuliphi isayidi lehhotela noma lomuzi owuqashile. Uma ube nenhlanhla ungabona nezilwane ezigciniwe kule ndawo njengoba iyadlisa nangokonga imvelo.
Uma niwumndeni noma abangani nisangabaza ukuthi nifuna ukuvakashelaphi, iyona ngxenye yehhotela lena efanale abahamba bengamaqembu.
Indlela ihhotela elikhulu ngayo, uma ufuna ukulizungeza lonke ubone izinto eziningi elidlisa ngaso, kumele uqashe imotshwana evame ukusetshenziswa ngabadlali begalofu (golf cart), ukuze uzidelise ngezinto eziningi ezikuleli pharadesi
Izinto eziwu-10 ezidlisayo eSan Lameer: ( side bar)
* Inodedangendlale wendawo yokudlala izingane imidlalo enhlobonhlobo
* Inama-swimming pool amabili amakhulu
* Inenkundla yokudlala ibhola lomphebezo, ikhilikithi, i-bowling ne-squash
* Kunezikebhe ezingama-canoes ongazigwedla emadamini akhona
* Ungakwazi ukubuka izinhlobonhlobo zezinyoni ezigciniwe
* Kunolwandle oluvuleleke kuphela ezivakashini zaleli hhotela
* Kunomtapowolwazi ngaphakathi ongathola kuwo izinhlobonhlobo zezincwadi
* Ungakwazi ukudoba ofishi emadamini
* Kunesitolo segilosa ngaphakathi esivulwa nsukuzonke
* Kunendawo yokuthatha izithombe etshengisa ukuthi useSan Lameer
Related Topics: