UMREPHA uBig Zulu uzokhipha i-albhamu ethi Icala Lempumelelo
Image: SITHUNYELWE
“IZINGA lempilo esengikulona manje lenze ngabona futhi ngaqaphela umona okubantu abadinwa yimpumelelo yami, engibone ukuthi kudalwe wukungafuni ukwamukela ukuthi empilweni sonke sinesabelo sezinto esibekelwe zona, ngoba ngenkathi ngisasokola nje akekho umuntu obenendaba nokuthi kwenzekani empilweni yami kanjengamanje.”
Isho njalo intandokazi yomrepha, futhi engomunye wabanikazi besitebele somculo Inkabi Records, uBig Zulu ngenkathi exoxa neSolezwe Ngempelasonto nge-albhamu yakhe yesine esihloko sithi Icala Lempumelelo, edidiyele izingoma ezi-12 ezophuma ngo-Ephreli 11.
Uthe okunye okwenze wahlanganisa le albhamu wukuthi abalandeli bakhe abaningi abamaze futhi bamlandela kusukela esaqala ukugqama emculweni, bese kuyisikhathi eside bemcela ukuthi ahlanganise i-albhamu ezogaba ngezingoma ze-Hip-Hop ngqo, azozwakala kuzona erepha ngale ndlela eyenza bathanda umculo wakhe eminyakeni edlule.
“Yingakho kule albhamu kuzothi uma usulalele, uzwe ukuthi ngiyarepha cishe kuzona zonke izingoma ezikuyona ukuze kujabule abalandeli abaqotho bobuciko bami, kanti okunye futhi okuhle nokuhlabahlosile ngayo wukuthi nakuba ngizobe ngirepha kanjalo, kepha ngisebenze namaciko emikhakha eyahlukene okuzokwenza ukuthi ilalelwe ngabalandeli bami abathanda izinto nezitayela zomculo ezehlukene,” kusho uBig Zulu.
UMREPHA uBig Zulu uzokhipha i-albhamu ethi Icala Lempumelelo
Image: SITHUNYELWE
Uthe nakuba ekuqonda ukuthi wonke umuntu uzoba nengoma yakhe ayithandayo kwi-albhamu, kodwa yena ubheke kakhulu ingoma ethi Mthulise ayishaya noShwi Mantombazane, ethi Inkululeko apike kuyona uToss noSir Trill, nethi Ngisale Nobani yona ayishaya noZeh Mcgeba noZee Nxumalo.
Amanye amaciko asebenze nawo kwiCala Lempumelelo woNkosazana Daughter, Zakwe, Siya Ntuli, Aymos, Sjava, Maseven, Emtee, X-Wise, Zuccci Coke Dope noXowla ongumdidiyeli omkhulu we-albhamu.
UBig Zulu udabuka eBergville, maphakathi neKwaZulu-Natal. Igama lakhe lokuzalwa wuSiyabonga Nene, kanti le albhamu yelama amathahu okuqala athi Ungqongqoshe Wongqongqoshe yango-2019, Ichwane Lenyoka ngo-2021 nethi Ngisescongweni yanyakenye - eyelama ayishaya noSjava ethi Ukhamba, lapho bayiqembu Inkabi Zezwe.