UNOMFUNDO Moh ukhiphe ingoma ethi Indizamshini ayishaya neBlaq Diamond
Image: SITHUNYELWE
UKUQAPHELA nokuqonda ukuthi baningi kangakanani abantu abathandanayo, kodwa abangakwazi ukuba ndawonye ngesikhathi abafisa ngaso ngenxa yokuqhelelana kwezindawo abakuzona, yikhona okwenze intandokazi yomculi we-afro pop uNomfundo Moh waqopha, yakhipha ingoma yokubaduduza nokubaqinisa idolo othandweni lwabo.
UNomfundo (24) wodumo lwengoma ethi Phakade Lami, ukhiphe ingoma yakhe esihloko sithi Indizamshini ngoLwesihlanu, apike kuyona iqembu le-afro pop elingaconsi phansi kubalandeli iBlaq Diamond, nalo eselike lakhipha ingoma yothando ethi Ibhanoyi.
Le ntokazi edabuka eNtaphuka, eNdwedwe, ithe kuziqondanele ukuthi isebenze nala maciko kule ngoma ephrojuswe wuNaxion Cross, njengoba kwathi isiyenzile yabona ukuthi kukhona okushodayo kuyona, kwathi isibonisana nethimba esebebenza nalo - bavumelana ngokuthi Amakhosi Oshuni angangena khaxa kuyona, kwaba wukuthi vele kade ayefisa ukusebenza nawo.
“Ingoma inomqondo owehlukile kancane kulena eyabo yaphambiilini ethi Ibhanoyi, lapho bona bezwakalisa umyalezo wokuthi umuntu othandana naye umthanda kakhulu kangakanani. Kulena eyami ethi Indizamshini ngiveza umuzwa wezithandani ezimbili ezithandanayo kepha ezigakwazi ukubonana ngenxa yokuqhelelana, izimo lezo esibonayo nesaziyo ukuthi baningi abantu ababhekana nazo njalo emphakathini ,” isho kanje.
UNOMFUNDO Moh ukhiphe ingoma ethi Indizamshini ayishaya neBlaq Diamond
Image: SITHUNYELWE
Uthe umyalezo okule ngoma awusona isimo abhekene naso empilweni yakhe okwangempela manje, kepha yinto aseke wabhekana nayo esikhathini esedlule, athi kuwumkhuba wakhe vele ukulinda izimo ezithile abhekana nazo empilwen zedlule kuqala, andukuba abhoboke ngazo emculweni awenzayo.
Lo mculi uveze nokuthi konke kusahamba kahle ngamalungiselelo omcimbi wakhe iNomfundo Live Concert, ozoba seBarnard Theatre, eSuncoast, eThekwini ngoMeyi 7 ngo-7 kusihlwa. Unxuse abantu ukuqhubeka bathenge amathikithi awo, asatholakala ngo-R350 kuya kuR450 umuntu emunye kwi-website ye-barnyard theatre.
“Nalapho futhi ngihlela ukuthi ngijabulise abalandeli bami ngomculo wami omnandi, futhi ngibheke ukuzoqhulula amanoni abawathandayo akuma-albhamu ami amathathu, ikakhulu ngoba sekuyophela iminyaka emibili ngigcine ukwenza lo mcimbi eThekwini,” kusho yena.