UMQEQESHI weLeruma United, uMpho Maleka, obhekene nenselelo yokutakula leli qembu ekugawulweni yizembe kwiMotsepe Foundation Championship Isithombe: BACKPAGEPIX
YIZE iLeruma United ibalwa namaqembu avika izembe njengamanje kwiMotsepe Foundation Championship, kodwa umqeqeshi waleli qembu, uMpho “Zico” Maleka, akakayicabangi nhlobo eyezembe.
ILeruma ebhaxabulwe yiDurban City ngo 3-0 ngeledlule, iphakathi kwamaqembu asesishozini okudlalela kuso izembe njengoba kumanje isendaweni ka-15 kwi-log.
Isalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kokuqeda umzuliswano wokuqala wesizini, njengoba izodlala ne-University of Pretoria ngeSonto, eTuks Stadium, ePitoli, ngo-3.30 ntambama.
“Iligi iwumjaho omude. Iseminingi imidlalo esisazoyidlala, kodwa futhi ngeke uyibale leyo midlalo uma usenza amaphutha.
“Ngakho kuzofanele silungise amaphutha ngokushesha, sisebenze ngempela ukuze sisuke kule ndawo esikuyona njengamanje.
“Akumnandi ukuba kule ndawo esikuyona. Abadlali bethu bakuqonda kahle ukubaluleka kokuthi kusetshenzwe ukuze sisuke kuyona.
“Njengethimba labaqeqeshi senza okusemandleni ukuthi siyisebenze emiqondweni yabadlali eyokuthi singayicabangi kwakuyicabanga nje indaba yezembe ngalesi sikhathi sesizini,” kusho uMaleka.
Njengoba seliseduze iwindi likaJanuwari lokuhwebelana ngabadlali, naye uMaleka uyakuqonda ukubaluleka kokuthi bangene emakethe ukuze baqinise isikwati ikakhulukazi njengoba sekuzoqala umzuliswano wesibili lapho ziyobe seziyishuka khona ngempela imbodla.
“Sizohlala phansi njengethimba labaqeqeshi sibone lapho okufanele siqinise khona, kodwa njengoba ngisho, iligi ingumjaho omude, kusazodlalwa. Ngakho ngeke sisheshe silahle ithemba.”
UMaleka owayengumgadli obukhali ngezikhathi zakhe emaqenjini ehlukene ePremiership, uthathe izintambo zokuqeqesha leli qembu lasePitoli elithenge isitifiketi seMarumo Gallants seChampionship ngenkathi izikhulu zayo zithenga eseBetway Premiership kwiMoroka Swallows, ngaphambi kokuqala kwale sizini.
Ngaphandle kweLeruma, iVenda FC neCape Town Spurs ngamanye amaqembu asengozini yezembe. Amaqembu asembangweni wesicoco seligi yiDurban City esaqhwakele, i-JDR Stars, i-Orbit College neMilford FC. Womathathu anemidlalo ebalulekile kule mpelasonto.
Obhekwe ngabomvu kule mpelasonto ngoweMilford neCity ngoMgqibelo eChatsworth Stadium eThekwini, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Kusasa - Ngo-3.30pm:
Pretoria Callies v Cape Town Spurs (TUT Stadium); Hungry Lions v Upington City (Suzuki Stadium); Baroka FC v Black Leopards (Global Stadium)
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm:
Milford v Durban City (Chatsworth Stadium); Venda FC v Highbury (Thohoyandou Stadium)
NgeSonto - Ngo-3.30pm:
University of Pretoria v Leruma United (Tuks Stadium); Orbit College v JDR Stars (Olympia Park)
Related Topics: