U-ANDY Birkett nozakwakhe uMatthew Fenn abadle umhlanganiso kuDay 2 weDusi Canoe Maratho esongwa ngoMgqibelo eBlue Lagoon, eThekwini Isithombe: GAMEPLAN MEDIA
U-ANDY Birkett uzibeke ethubeni lokunqoba iDusi Canoe Marathon okwehlandla lika-14 edla umhlanganiso nomlingani wakhe uMatthew Fenn ngosuku lwesibili lwalo mjaho wodumo wokugwedla izikebhe eshiya uSbonelo Khwela ogwedla noMsawenkosi Mtolo, ngoLwesihlanu.
IDusi Marathon ka-2024 ewuhlobo lwe-K2 (ukugwedla ngababili) eqale ngoLwesine eMkhambathini, eMgungundlovu, izosongwa ngoMgqibelo eBlue Lagoon, eThekwini.
Ngosuku lokuqala ngoLwesine umhlanganiso udliwe nguKhwela noMtolo ngesikhathi esingu-2:27:36, isibili kwaba nguBirkett noFenn ngesikhathi esingu-2:28:02.
Lokhu kwenze kwanyuka amathemba ngoKhwela noMtolo okungabagwedli abathwelwe ngeqoma ikakhulukazi ngabathandi balo mjaho abampisholo, kwazise kusakhonya abamhlophe kuwona.
Nokho kusengenzeka noma yini emjahweni wakusasa wamanqamu ozosukela eNanda Dam kubhekwe eBlue Lagoon, njengoba uKhwela noMtolo basalokhu beyibambile, kanti futhi noBongani Ntinga noSandile Mtolo abaphume isibili ngosuku lokuqala ngoLwesine nolwesibili ngoLwesihlanu, nabo basengawudunga umcimbi kungabheke muntu.
Kuqale ngo-2008 ukuthi umgwedli ompisholo aphume phambili kulo mjaho ngoThulani Mbanjwa owayegwedla noMartin Dreyer, kwalandela uSbonelo Zondi (osenguKhwela) ngo-2014 owayegwedla neBirkett, kwathi ngo-2020 kwaba nguKhumbulani Nzimande naye owayegwedla nomakadebona uBirkett.
Nokho, abagwedli bakuleli abampisholo basabhekene nenselelo yokunqoba lo mjaho kwi-K1 (ukugwedla ngamunye), okungakaze kwenzeke phambilini, njengoba kule minyaka kusalokhu kukhonye uBirkett okubukeka kusenzima ukumvimba njengoba sekuze kwaba ngamahlandla engu-13 edla umhlanganiso kulo mjaho.
Related Topics: