UMasipala waseZululand ophethwe yi-IFP, usale ungenayo imeya emuva kokwenyuka kukaMfundisi Thulasizwe Buthelezi waya kuhulumeni wesifundazwe.
IQEMBU uMkhonto weSizwe (MK), lithi lisayimunyunga indaba yokuthi lizowathaka kanjani amalungu ePhalamende, ukuze ibe nenqanawe yekhokhasi.
Ihhovisi likaNdunankulu waseKZN lithi nakanjani liyoshona elanamuhla esegcotshiwe ngokuphelele ozohola uhulumeni wesifundazwe.
ISIFUNDAZWE iLimpopo singene emlandweni wokuba nondunankulu wokuqala wesifazane, uDkt Phophi Ramathuba, okhethwe izolo esiShayamthetho.
USIBANGE nomholi we-EFF isikhundla sokuba wumengameli wezwe kulokhu uMnuz Cyril Ramaphosa ogcine ephinda ekhethwa waba ngumengameli wezwe ihlandla lesibili.
OBEYIMEYA yeTheku, uMnuz uMxolisi Kaunda, uthi akaxoshwanga esikhundleni ngoba eyisehluleki kodwa i-ANC ibone kufanele ayoyisebenzela kwenye indawo.
OBEYIMEYA yaseZululand uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, uthe uhamba nenhliziyo emhlophe ngoba uwenzile umsebenzi abejutshelwe wona wokuhambisa amanzi ebantwini. ...
INhloko yamaJaji kuleli iJaji uRaymond Zondo, ichibiyele imithetho yokuhlala kwePhalamende okubhekwe ngabomvu namuhla lapho okuzokhethwa khona uMengameli.
IMK ithi izoqhubeka nokuduba umhlangano wePhalamende elikhulu eCape Town kodwa amalungu ayo aseKZN azofungiswa eSishayamthetho namuhla.
IQEMBU uMkhonto Wesizwe (MK) lithi ligabe ngamanyundululu obufakazi obuqanda ikhanda bokukokotelwa kwemiphumela yokhetho. IMK ithi ...
UCHITHWE wayalelwa ukuthi akhokhe nezindleko zecala uMnuz Jabulani Khumalo, obefake icala efuna ukubuyiselwa njengomholi weMK.
ABAMANGALELWA ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa bathi bazoyeka ukuya enkantolo ngoba abakwazi ukugeza ejele ngoba bageziswa ngamanzi abandayo njengoba kubanda nje. ...
IZAZI zomthetho zithi uMkhonto weSizwe (MK) awunathuba lokuphumelela ngisho ungaya enkantolo ngenhloso yokuvimba ukuthi ...
I-DA ithe ngeke ikwazi ukungena esixaxeni samaqembu uma kukhona i-MK, EFF nePatriotic Alliance, kungamane kuyekwe. Lo mbandela uvezwe wuMnuz Werner Horn ekhuluma ...
INHLANGANO iHola Bona Rennaisance Foundation (HBRF), ithi kufanele ichithwe imiphumela yokhetho ngoba kuningi okungahambanga kahle.
UNOBHALA -JIKELELE obambile kweloMkhonto Wesizwe, uMnuz Sihle Ngubane, uthi babhalele iPhalamende belazisa ukuthi uMnuz Jabulani Khumalo, waxoshwa akufanele abe ...
INKUNZI eluvava kwezokuphathwa kweminyango kahulumeni, uDkt Kwazi Mbanjwa, iwumholi omusha weMK KwaZulu-Natal emuva kokudilizwa kophethe lesi sikhundla.
IJAJI Ratha Mokgoatlheng elihlalele icala lokufa kukaSenzo Meyiwa lithi abameli babambezela icala bashaya izaququ ngongoti wabo ohlola izibhamu abathi bazomletha. ...
INDODAKAZI yezishoshovu zomzabalazo uNksz Lindiwe Sisulu, ithi liyashona ilanga inkomo ifasiwe, i-ANC yehlulwa wukukhanda isixaxa namaqembu abantu abamnyama kubunjwe ...
UBONGE ithuba lokusebenzela abantu bakuleli uMnuz uZizi Kodwa esula esikhundleni sobungqongqoshe emuva kokusobozelwa woKlebe wavela enkantolo ngecala lenkohlakalo. ...
BAZOLIBUKA kuthelevishini iPhalamende abanye abaholi abebenezihlalo kodwa bangakwazi ukubuyela.
ISIKHULU enkampanini yamaselula iVodacom, uNksz Pinky Vythilingam, esiwufakazi ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, sithi ukhona owayesebenzisa iselula kamufi esebulewe. ...
UNUNUSELWA ngesikhundla sikandunkulu wesifundazwe uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, okuthiwa ucingo lwakhe lukhala umlibe eshelwa ngamaqembu.
INDODAKAZI yowayengumengameli uJacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma -Sambudla ifuna kuboshwe uMnuz Jabulani Khumalo emsola ngokuqamba amanga efungile.
BAPHAKIWE abakhongi bamaqembu ezepolitiki abayowamela ezingxoxweni zokubumba uhulumeni wokubambisana ngoba kalikho iqembu elinqobe ngengcaca.